UJehova uyabonakala kuSolomoni
1Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefuné ukukwenza,
2uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni.
3UJehova wathi kuye: Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxusé ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile lendlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube-phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba-khona izinsuku zonke.
4Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyalé ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,
5ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwaIsrayeli kuze kube-phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: Akuyikunqunywa-muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli.
6Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeké phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
7ngiyakumnquma uIsrayeli ezweni engimniké lona; nalendlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, uIsrayeli abe-yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
8Noma lendlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, bancimfe, bathi: UJehova wenzeleni kanje kulelizwe nakulendlu na?
9Bayakuphendula ngokuthi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.
UHiramu uphiwa imizi
10Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhé ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,
11uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.
12UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amniké yona, ayimthokozisanga.
13Wathi: Iyini lemizi onginiké yona, mfowethu, na? Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube-namuhla.
14UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.
Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe
15Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje:
16uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe-yisipho sakhe.
17USolomoni wakha iGezeri neBeti-Horoni laseNzansi,
18neBalati, neTamari lasehlane lalelozwe,
19nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.
20Abantu bonke abaseleyo kuma-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwaIsrayeli,
21abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwaIsrayeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube-namuhla.
22Kodwa kubantwana bakwaIsrayeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babengamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahashi bakhe.
23Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.
24Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.
25Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula ealtare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.
Imikhumbi kaSolomoni
26Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni-Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle oluBomvu ezweni lakwaEdomi.
27UHiramu wathuma ngalemikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni.
28Zafika eOfiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.