Isivini sikaNaboti nokubulawa kukaNaboti
1Kwathi emva kwalezozinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi uAhabi, inkosi yaseSamariya.
2UAhabi wakhuluma kuNaboti, wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe-yisivande sami semifino, ngokuba siseduze nendlu yami, ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso; kepha uma kukuhle emehlweni akho, ngiyakukunika isiliva libe-yintengo yaso.
3Wayesethi uNaboti kuAhabi: Makube-kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.
4UAhabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulumé kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: Angiyikukunika ifa lawobaba. Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga-lutho.
5Kepha kwase kufika kuye uIzebeli umkakhe, wakhuluma kuye, wathi: Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli-lutho na?
6Wathi kuye: Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: Ngiphe isivini sakho ngesiliva; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.
7Wayesethi kuye uIzebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwaIsrayeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.
8Wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwabakhulu ababesemzini wakhe, abakhé kanye noNaboti.
9Waloba ezincwadini ukuthi: Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNaboti emqoka kubantu,
10nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: Uthukile uNkulunkulu nenkosi, besenimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.
11Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kukaIzebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithumé kuwo.
12Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.
13Lawomadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labobantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.
14Base bethumela kuIzebeli, bethi: UNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa.
15Kwathi uIzebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, uIzebeli wathi kuAhabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli, enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.
16Kwathi uAhabi esezwile ukuthi uNaboti ufile, uAhabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla.
UAhabi usolwa nguEliya
17Izwi likaJehova lase lifika kuEliya waseThishibi, lathi:
18Suka wehle, umhlangabeze uAhabi inkosi yakwaIsrayeli oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.
19Uyakukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na? Besewukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.
20Wayesethi uAhabi kuEliya: Usungitholile wena-sitha sami na? Wathi: Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.
21Bheka, ngiyakukwehlisela okubi, ngikukhukhule, nginqume kuAhabi wonke umlisa, omncane nomkhulu kwaIsrayeli;
22ngiyakwenza indlu yakho ibe-njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya ngenxa yesicunulo ongicunulé ngaso, wonisa futhi ngaso uIsrayeli.
23NangoIzebeli uJehova wakhuluma, wathi: Izinja ziyakumudla uIzebeli ngasogangeni lwaseJizreyeli.
24Owakwa-Ahabi ofela emzini izinja ziyakumudla, nofela endle izinyoni zezulu ziyakumudla.
25Kepha akubangakho onjengoAhabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa nguIzebeli umkakhe.
26Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama-Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
27Kwathi uAhabi esezwile lawomazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.
28Izwi likaJehova lafika kuEliya waseThishibi, lathi:
29Ubonile yini ukuthi uAhabi uyazithoba phambi kwami na? Ngokuba ezithoba phambi kwami angiyikwehlisa okubi emihleni yakhe; kepha emihleni yendodana yakhe ngiyakwehlisela indlu yakhe okubi.