UEliya uyabaleka
1UAhabi wamtshela uIzebeli konke akwenzile uEliya, naphakathi kwalokho ukuthi ubulele bonke abaprofethi ngenkemba.
2UIzebeli wayesethuma isithunywa kuEliya ngokuthi: Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi, uma ngingakwenzi wena ube-njengomunye wabo ngalesisikhathi kusasa.
3Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri-Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.
4Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.
5Walala ubuthongo phansi konwele; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: Vuka udle.
6Wabheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe elenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wayesebuye walala phansi.
7Ingelosi kaJehova yabuye yamthinta ngokwesibili, yathi: Vuka udle, ngokuba indlela yakho inde.
8Wavuka, wadla, waphuza, wahamba ngamandla alokhokudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, waya entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
9Wangena khona emhumeni, walala khona; bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: Wenzani lapha, Eliya, na?
10Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.
11Wathi: Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova. Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;
12emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo.
13UEliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: Wenzani lapha, Eliya, na?
14Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, ngokuba abantwana bakwaIsrayeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.
Ukubizwa kukaElisha
15Wayesethi uJehova kuye: Hamba, ubuye ngendlela yakho, uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe-yinkosi yaseAramu;
16uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe-yinkosi kwaIsrayeli, umgcobe uElisha indodana kaShafati waseAbela-Mehola abe-ngumprofethi esikhundleni sakho.
17Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa nguElisha.
18Kepha ngiyakushiya kwaIsrayeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo angaguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.
19Wayesesuka lapho, wamfumana uElisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; uEliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye.
20Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela uEliya, wathi: Ake ngange ubaba nomame, besengikulandela. Wathi kuye: Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?
21Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela uEliya, wamkhonza.