Umprofethi uEliya
1UEliya waseThishibi owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi wathi kuAhabi: Kuphila kukaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli engimi phambi kwakhe, akuyikubakho-mazolo namvula kuleminyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.
2Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:
3Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
4Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.
5Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
6Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
7Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.
UEliya uyandisa impuphu namafutha
8Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi:
9Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.
10Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.
11Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.
12Kepha wathi: Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.
13Wayesethi uEliya kuye: Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.
14Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolosuku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.
15Wayesehamba, wenza njengokusho kukaEliya; kwadla yena, noEliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi.
16Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sikaEliya.
17Kwathi emva kwalokho indodana yalowomfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba-namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.
18Wayesethi kuEliya: Nginamsebenzi muni nawe-muntu kaNkulunkulu na? Uzé kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.
19Kepha wathi kuye: Nginike indodana yakho. Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.
20Wayesekhala kuJehova, wathi: Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalomfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulalé indodana yakhe na?
21Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walomntwana mawubuyele kuye.
22UJehova walizwa izwi likaEliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.
23UEliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi uEliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila.
24Owesifazane wathi kuEliya: Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.