Ukuguga kukaDavide
1Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.
2Zase zithi kuyo izinceku zayo: Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale.
3Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwaIsrayeli, bathola uAbishagi waseShunemi, bamletha enkosini.
4Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.
5UAdoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: Mina ngiyakuba-yinkosi; wazilungiselela izinqola, nabamahashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.
6UYise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: Wenzeleni lokhu na? Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama uAbisalomu.
7Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya noAbiyathara umpristi; bamsiza uAdoniya, bamlandela.
8Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga uAdoniya.
9UAdoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-EniRogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
10kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
11UNathani wathi kuBati-Sheba unina kaSolomoni: Awuzwanga yini ukuthi uAdoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
12Ngalokho woza ngikuleleke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
13Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: Wena-nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: USolomoni indodana yakho uyakuba-yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi, na? Pho, kungani ukuba kubuse uAdoniya na?
14Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho.
15UBati-Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; uAbishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.
16UBati-Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: Ubabeleni na?
17Wathi kuyo: Nkosi yami, wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngokuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba-yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.
18Bheka, manje kubusa uAdoniya; wena-nkosi yami, nkosi, awukwazi;
19usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, noAbiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
20Wena-nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwaIsrayeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,
21funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.
22Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.
23Bayitshela inkosi, bathi: Bheka, nangu uNathani umprofethi. Lapho esengené enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheké phansi.
24UNathani wathi: Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: UAdoniya uyakuba-yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi, na?
25Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, noAbiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: Mana njalo, nkosi Adoniya.
26Kodwa mina, mina-nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.
27Lento iyenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?
Ukubekwa kukaSolomoni abe-yinkosi
28Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: Ngibizele uBati-Sheba. Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
29Inkosi yayisifunga ngokuthi: Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,
30njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba-yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.
31Wayesekhothama uBati-Sheba, ubuso bakhe bubheké phansi, wakhuluma enkosini, wathi: Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.
32Inkosi uDavide yayisithi: Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada. Bafika phambi kwenkosi.
33Inkosi yathi kubo: Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi* wami, nimehlisele eGihoni,
34uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe-yinkosi phezu kukaIsrayeli; besenibetha amacilongo, nithi: Mana njalo, nkosi Solomoni.
35Besenenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba-yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe-ngumbusi phezu kukaIsrayeli noJuda.
36UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
37Njengalokho uJehova waba-nenkosi yami, inkosi, makabe-naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe-sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.
38Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.
39USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo, bonke abantu bathi: Mana njalo, nkosi Solomoni.
40Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
41UAdoniya nabo bonke abamenyiweyo ababenaye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: Ngowani lomsindo wokuxokozela emzini na?
42Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; uAdoniya wathi: Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uzé nodaba oluhle.
43UJonathani waphendula, wathi kuAdoniya: Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
44inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;
45uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe-yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
46Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.
47Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe-lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibesikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.
48Futhi yasho kanje inkosi, yathi: Makabusiswe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.
49Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba-yilowo nalowo ngendlela yakhe.
50UAdoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo zealtare.
51Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: Bheka, uAdoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo zealtare, ethi: Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.
52Wathi uSolomoni: Uma eyakubayindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa.
53Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa ealtare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: Hamba, uye endlini yakho.