Ukudunyiswa kothando
1Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
2Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
3Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
5aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
6aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
7lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
8Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
9Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye.
10Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.
11Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthé sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.
12Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
13Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.