Iziphiwo zikaMoya ezahlukeneyo nokuphathwa kwazo
1Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi-nakwazi.
2Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.
3Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho-muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: Kathukwe uJesu; futhi akukho-muntu ongathi: UJesu uyiNkosi, kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
4Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowoMoya.
5Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyoNkosi.
6Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowoNkulunkulu osebenza konke kubo bonke.
7Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube-ngokokusiza.
8Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya,
9omunye ukukholwa kuye lowoMoya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,
10omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
11Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowoMoya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.
12Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.
13Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe-mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswaMoya munye.
14Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi.
15Uma unyawo luthi: Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba, nokho luyikho okomzimba.
16Noma indlebe ithi: Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba, nokho iyikho okomzimba.
17Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na?
18Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe.
19Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na?
20Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.
21Iso alinakusho esandleni ukuthi: Angikudingi; nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: Anginidingi.
22Kanti ngempela lezozitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka;
23nalezozitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu.
24Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,
25ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
26Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.
27Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.
28UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, besekuba-yimisebenzi yamandla, besekuba-yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
29Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
30Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?
31Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu.
Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.