Izizukulwane zikaJuda noSimeyoni
1Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala oAhumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3Yilaba abangabakayise kaEtamu: oJizreyeli, noIshima, noIdibashi — igama likadadewabo lalinguHaseleliponi —
4noPhenuweli uyise kaGedori, noEzeri uyise kaHusha. Yilabo ababengamadodana kaHure izibulo likaEfratha, uyise kaBetlehema.
5UAshuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.
6UNahara wamzalela oAhuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababengamadodana kaNahara.
7Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, noEthinani.
8UKhosi wazala oAnubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.
9UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi*, ethi: Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.
10UJabesi wabiza uNkulunkulu kaIsrayeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe-nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu. UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11UKelubi umfowabo kaShuha wazala uMehiri owayenguyise kaEshitoni.
12UEshitoni wazala uBeti-Rafa, noPhaseya, noThehina uyise kaIri-Nahashi Yilabo ababengamadodana kaRekha.
13Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana kaOtheniyeli: nguHathati.
14UMehonothayi wazala uOfira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babengabakhandi.
15Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngoIru, noEla, noNahamu, namadodana kaEla, noKenazi.
16Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, noAsareli.
17Amadodana kaEzra: ngoJetheri, noMeredi, noEferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, noIshiba uyise kaEshitemowa.
18Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babengamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.
19Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi noEshitemowa umMahakha.
20Amadodana kaShimoni: ngoAmnoni, noRina, noBeni-Hanani, noThiloni. Amadodana kaIshi: ngoZoheti noBeni-Zoheti.
21Amadodana kaShela indodana kaJuda: nguEri uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya,
22noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi-Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezizindaba.
23Labo babengababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.
24Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,
25noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe.
26Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.
27UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.
28Bahlala eBeri-Sheba, naseMolada, naseHasari-Shuwali,
29naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,
30naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,
31naseBeti-Marikaboti, naseHasari-Susimi, naseBeti-Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.
32Imizana yabo yayiyiEtamu, neAyini, neRimoni, neThokheni, neAshani, imizi eyisihlanu,
33kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza lemizi kwaze kwaba-seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwé ngezizukulwane zabo.
34Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,
35noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,
36noEliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, noAsaya, noAdiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,
37noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya;
38labo ababizwé ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.
39Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
40Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babengabakwaHamu.
41Labo abalotshwé ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube-namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.
42Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, noUziyeli, amadodana kaIshi.
43Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kubenamuhla.