Inkulumo kaDavide ngethempeli
1UDavide wabutha zonke izikhulu zakwaIsrayeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.
2UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.
3Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi: Awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi.
4Kodwa uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe-yinkosi kwaIsrayeli kuze kube-phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe-ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwaIsrayeli wonke,
5nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphé amadodana amaningi, ukhethé uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwaIsrayeli.
6Wathi kimi: USolomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami, ngokuba ngimkhethile ukuba abe-yindodana yami, mina ngibenguyise.
7Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube-phakade, uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.
8Ngalokho emehlweni abo bonke abakwaIsrayeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle lelizwe elihle, nilishiye libe-yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube-phakade.
9Wena-Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube-phakade.
10Bheka manje, ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe-yindlu engcwele, qina, ukwenze.
11UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli, nesengcebo yalo, nesamakamelo alo aphezulu, nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa;
12nesifanekiso sakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaJehova, nangamakamelo nxazonke, nangengcebo yendlu kaNkulunkulu, nangengcebo yezinto ezingcwele;
13nangezigaba zabapristi nezamaLevi, nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;
14nangegolide isisindo segolide lezinto zonke zezinkonzo ngezinkonzo, nangezinto zonke zesiliva isisindo sazo, zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo;
15nangesisindo sezinti zezibani zegolide kanye nezibani zazo zegolide, nesisindo salolo nalololuthi lwesibani kanye nezibani zalo, nangesezinti zesiliva isisindo sothi kanye nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalololuthi;
16nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa, amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva;
17nangezingwegwe zenyama, nangezinkamba, nangezitsha zegolide elicwengekileyo, nangezindebe zonke zegolide, isisindo saleso nalesositsha;
18nangealtare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo, nesifanekiso senqola, namakherubi* egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
19Konke lokho, washo uDavide, ngikuqondisiwe ngokubhalwé ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesisifanekiso.
20Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi-naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.
21Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba-nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo nabayizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.