Izigaba zabapristi nezamaLevi
1Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, noAbihu, noEleyazare, noItamari.
2Kepha oNadabi noAbihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho oEleyazare noItamari kuphela babengabapristi.
3ODavide, noSadoki wamadodana kaEleyazare, noAhimeleki wamadodana kaItamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.
4Kwafunyaniswa emadodaneni kaEleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni kaItamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni kaEleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni kaItamari babeyisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.
5Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni kaEleyazare nasemadodaneni kaItamari.
6UShemaya indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki umpristi, noAhimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa uEleyazare, nenye yakhishelwa uItamari.
7Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,
8neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi,
9neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini,
10neyesikhombisa uHakhosi, neyesishiyagalombili uAbiya,
11neyesishiyagalolunye uJeshuwa, neyeshumi uShekaniya,
12neyeshumi nanye uEliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi,
13neyeshumi nantathu uHupha, neyeshumi nane uJeshebeyabe,
14neyeshumi nanhlanu uBiliga, neyeshumi nesithupha uImeri,
15neyeshumi nesikhombisa uHeziri, neyeshumi nesishiyagalombili uHaphisesi,
16neyeshumi nesishiyagalolunye uPhethahiya, neyamashumi amabili uJehezekeli,
17neyamashumi amabili nanye uJakini, neyamashumi amabili nambili uGamuli,
18neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.
19Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwé ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ebemyalile.
20Abaseleyo emadodaneni kaLevi babeyilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya.
21KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko.
22KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.
23Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, noAmariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
24Amadodana kaUziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
25Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
26Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.
27Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, noIbiri.
28KuMaheli: nguEleyazare, owayengenabantwana.
29KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
30Amadodana kaMushi: ngoMaheli, noEdere, noJerimoti. Yilabo ababengamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.
31Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, noAhimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.