Ukubalwa kwabantu nokufika kwesifo
1USathane wema ukulwa noIsrayeli, wavusa uDavide ukuba abale uIsrayeli.
2UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: Hambani nibale uIsrayeli kusukela eBeri-Sheba kuze kubekwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.
3UJowabe wathi: UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani lento na? Iyakuba-yicala ngani kuIsrayeli na?
4Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe waphuma, wadabula wonke uIsrayeli, wafika eJerusalema.
5UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke uIsrayeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.
6Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe.
7Kwaba-kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya uIsrayeli.
8UDavide wayesethi kuNkulunkulu: Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.
9UJehova wayesekhuluma kuGadi umboni kaDavide, ethi:
10Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.
11UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: UJehova usho kanje, uthi:
12Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwaIsrayeli; manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.
13UDavide wathi kuGadi: Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.
14UJehova wayesethuma isifo phezu kukaIsrayeli; kwafa kwaIsrayeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.
15UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobobubi, wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sikaOrinani umJebusi.
16UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.
17UDavide wathi kuNkulunkulu: Akusimi yini owayaleza ukuba abantu babalwe na? Yimina engonileyo; ngenzé kabi kakhulu, kepha lezizimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe-phezu kwami naphezu kwendlu kababa, singabi-phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo.
Ialtare elisesibuyeni sikaOrinani
18Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova ialtare esibuyeni sikaOrinani umJebusi.
19UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova.
20UOrinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. UOrinani wayebhula ukolweni.
21UDavide esefika kuOrinani, uOrinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheké phansi.
22UDavide wathi kuOrinani: Nginike indawo yalesisibuya ukuba ngakhele uJehova ialtare kuyo; uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesisifo sinqamuke kubantu.
23UOrinani wathi kuDavide: Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe-ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe-yizinkuni, nokolweni abe-ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.
24Inkosi uDavide yathi kuOrinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikutholé ngeze.
25UDavide wayesemnika uOrinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo.
26UDavide wamakhela khona uJehova ialtare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo ealtare lomnikelo wokushiswa.
27UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
28Ngalesosikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sikaOrinani umJebusi, wahlaba khona.
29Ngokuba itabernakele* likaJehova alenza uMose ehlane nealtare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngalesosikhathi.
30Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.