Umphongolo kaNkulunkulu ususwa eKiriyati-Jeharimi
1UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke.
2UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwaIsrayeli: Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwaIsrayeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,
3sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.
4Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyonto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
5UDavide wayesebutha wonke uIsrayeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube-sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati-Jeharimi.
6UDavide wenyukela kanye naye wonke uIsrayeli eBahala, okungukuthi iKiriyati-Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi*, owawubizwa ngegama lakhe.
7Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; oUza noAhiyo bashayela ingqukumbane.
8UDavide naye wonke uIsrayeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu*, nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali*, nangamacilongo.
9Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.
10Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona-lapho phambi kukaNkulunkulu.
11UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyondawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube-namuhla.
12UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolosuku; wathi: Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?
13UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini kaObede-Edomi umGiti.
14Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu kaObede-Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu kaObede-Edomi nakho konke anakho.