Wesishiyagalombili: Izinqola Ezine Zempi
1Ngabuye ngabheka, ngabona kuphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; kwakuyizintaba zethusi. 2Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu, kweyesibili kunamnyama, 3kweyesithathu kunamhlophe, bese kuthi enqoleni yesine kube ngamahwaqahwaqa. 4Ngase ngiyibuza ingelosi eyayikhuluma nami, ngithi: “Kuyini lokhu mnumzane?”
5Ingelosi yaphendula, yathi: “Lena yimimoya emine yezulu ephumile, ibime phambi koMnuzane womhlaba wonke. 6Leyo enamahhashi amnyama ilibhekise enyakatho; amhlophe ayawalandela; amahwaqahwaqa aya eningizimu.”
7Lawa anamandla aphumayo, afuna ukuhamba emhlabeni wonke. Yayisithi: “Hambani, nihambe emhlabeni wonke.”
Ayesehamba kuwo wonke umhlaba. 8Yayisibiza, yakhuluma nami, yathi: “Uyabona-ke, lawa alibhekise enyakatho, ayakuthulisa uMoya wami enyakatho.”
9Kwase kufika kimi izwi likaSimakade, lathi, 10“Thatha izipho kubathunjwa, kuHelidayi, kuThobiya, nakuJedaya, uhambe ngalo lolo lusuku, uye endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, kulapho befikele khona bevela eBhabhele. 11Uyakuthatha isiliva negolide, wenze ngakho umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadakhi, umphristi omkhulu. 12Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo nguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaSimakade. 13Impela nguyena oyokwakha ithempeli likaSimakade, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nomphristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube nokululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’ 14Umqhele uyakuba ngokaHelemi, uThobiya, uJedaya, uHeni, indodana kaZefaniya, kube yisikhumbuzo ethempelini likaSimakade. 15Labo abaphuma kude bayakufika, bakhe ithempeli likaSimakade, niyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithumile kini. Lokhu kuyakwenzeka, uma impela nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”