1Ngokuba bacabanga ngokungenangqondo, bethi enhliziyweni yabo, impilo yethu imfishane futhi igcwele usizi akukho khambi lapho impilo isifinyelela esiphethweni sayo, akukho namunye owaziwayo osewake wabuya endaweni yabafileyo. 2Ngokuba ukuzalwa kwethu kwaba yingxaphepha nje, emveni kwalokho kuyakuba sengathi kasikaze sibekhona, phela umphefumulo osemakhaleni ethu uyintuthu nje, umcabango uyinhlansi eyokhelwa ukushaya kwenhliziyo yethu, 3kepha lapho usucishiwe, umzimba uyakuphenduka umlotha, nomphefumulo uyakuncibilika njengomoya. 4Ngokuba igama lethu kuyakuhamba kuhambe likhohlakale, kungabikho namunye okhumbula imisebenzi yethu; impilo yethu iyakudlula njengemisalela yefu, ihlakazeke njengomlalamvubu lapho uxoshwa yimisebe yelanga usunqotshiwe ngukushisa kwalo. 5Ukuphila kwethu kufana nesithunzi esidlulayo nje, akukho ukubuya ekufeni kwethu, ngokuba kumisiwe, akukho muntu ongabuya kukho.
Intokozo
6Ngakho-ke woza, masizithokozise ngezinto ezinhle ezikhona, sikusebenzise ngokupheleleyo okudaliweyo njengasebusheni. 7Masizitike ngewayini lenani elikhulu namakha, kungabikho mbali yasentwasahlobo esedlulayo. 8Masizethwese umqhele ngezimbali ngaphambi kokuba zibune. 9Akungabikho namunye wethu ongahlanganyeli ekuthokozeni kwethu nakuphi lapho sedlule khona makusale izimpawu zokuthokoza kwethu, ngokuba lokhu kuyingxenye yethu, nesabelo sethu.
Ukucindezelwa
10Masimcindezele olungileyo empofu; singamyekeli nomfelokazi noma sibe nozwelo kwabanwele zimpunga ngenxa yobudala. 11Kepha amandla ethu mawabe umthetho osigunyazayo, ngokuba lokho okubuthakathaka akunamsebenzi walutho. 12Kepha asimqamekele olungileyo ngokuba uyisithiyo kithi futhi umelene nezenzo zethu, uyasisola ngokona okuphambene nomthetho, asithwese icala ngezono eziphambene nemfundiso yethu. 13Ufakaza ngokuthi unolwazi ngoNkulunkulu, futhi uzibiza ngomntwana kaNkulunkulu. 14Uphenduke waba ngomelene nemicabango yethu; 15ukumbona nje kungumthwalo kithi, ngokuba indlela aphila ngayo ayifani neyabanye, izindlela zakhe aziqondakali. 16Usibuka njengezinto ezonakele, kazihlanganisi nezindlela zethu ngoba ethi zingcolile; uthi isiphetho sabalungileyo singukuthokoza, futhi uzigqaja ngokuthi uNkulunkulu unguYise.
17Ake sibone ukuthi amazwi akhe ayiqiniso yini, sihlole ukuthi kuyakwenzekani ekupheleni kokuphila kwakhe, 18ngokuba uma olungileyo engumntwana kaNkulunkulu, uyakumsiza, amkhulule esandleni sezitha zakhe. 19Masimhlole ngokumchapha ngezinhlamba nangokumhlupha, sibone ukuthi ulunge kangakanani, simthethise icala ukuze sibone ukubekezela kwakhe. 20Masimnqumele ukufa okuyihlazo, ngokuba uma kuliqiniso akushoyo, uyakuvikeleka.
Ukufa
21Lena kwaba yimicabango yabo, kodwa beduka, ngokuba ububi babo babaphuphuthekisa, 22abazazanga izinjongo ezifihlakele zikaNkulunkulu, futhi kabalindelanga intengo yobungcwele, noma babone inzuzo yemiphefumulo elungileyo; 23ngokuba uNkulunkulu wasidalela ukuba singonakali, wasenza ngomfanekiso wakhe waphakade, 24kodwa ngenxa yomona womubi, ukufa kwangena emhlabeni, abangabomubi bayabuzwa ubuhlungu bokufa.