1Ngokuba uMoya wakho ongafiyo usezintweni zonke. 2Ngakho uyaziqondisa kancane kancane izephula-mthetho, uzikhumbuze, uzexwayise ngokuthi kuyini ezikwenzayo nxa zona, lokhu uyakwenza Nkosi ukuze zikhululwe ebubini zibeke ithemba lazo kuwe.
Izono ZabaseKhenani
3Labo basendulo ababehlala ezweni elingcwele, 4wabazonda ngenxa yemikhuba yabo eyenyanyisayo, imilingo yabo kanye nokukhonza okuyisinengiso; 5babebulala izingane zabo ngesihluku benza amadili ngegazi nenyama yabantu. Bangeniswa emikhubeni yabangakholwayo, 6lapho abazali bebulala izingane ezingenacala, kwakuyintando yakho ukubabhubhisa ngesandla sokhokho bethu, 7ukuze izwe elithandeka kangaka kuwe ligcwaliswe ngezisebenzi ezifanelekile zikaNkulunkulu.
8Kepha wena wabagcina nabo laba abone kangaka, ngenxa yokuba bezidalwa ezingabantu, wathumela amalakazane njengesandulela sempi yakho ukubabhubhisa kancane kancane, 9nanxa wawungavinjwe lutho ukunikela lezi zonakali esandleni sabalungileyo empini, noma ubachithe kube kanye ngezilwane zasendle nangezwi lakho elinamandla. 10Kepha kwathi ngokubahlulela kancane kancane wabanikeza ithuba lokuba baphenduke, ngokuba wawukwazi kahle ukuthi babevele bedabuka ekoneni futhi ububi yinto abazalwa nayo, nokuthi kakusoze kwaguquka ukucabanga kwabo. 11Ngokuba babevele beyisizwe esiqalekisiwe kwasekuqaleni, wabayekela awabajezisa ngezono zabo hhayi ngoba kukhona omesabayo.
UNkulunkulu UngoPhezukonke
12Ngubani ongathi kuwe, ukwenzeleni lokhu? Noma amelane nokwahlulela kwakho na? Ngubani ongakusola nxa uchitha izizwe ezenziwe nguwe na? Ngubani nje nempela ongema phambi kwakho ukumela abangalungile na? 13Ngokuba akekho omunye uNkulunkulu onakekela isintu, ngaphandle kwakho, ngubani okumele ubonakalise kuye ukuthi kawuzange wehlulele ngenkohliso. 14Akukho nkosi nabukhosi obungaqagulisana nawe ngalabo obajezisile. 15Wena ulungile futhi ubusa konke ngokulunga, ngokuba ukuchitha lowo ongafanele ukujeziswa kuphambene namandla akho. 16Ngokuba amandla akho angumthombo wokulunga, nobungqongqoshe bakho kuyisisusa sesihe sakho kubo bonke.
17Lapho abantu bekungabaza ukuphelela kwamandla akho, yilapho-ke wena uwabonakalisa khona, futhi uyabusola ubujaka kulabo abawaziyo. 18Nanxa unguSomandla, kodwa ayiqinile ingalo yakho lapho wahlulela, usibusa ngokusibekezelela; ngokuba unamandla okwenza okuthandayo ngesikhathi esiqokwe nguwe.
19Ubafundisile abantu bakho ngemisebenzi enjengale ukuthi abalungile bamelwe babe nesisa, futhi ugcwalise abantwana bakho ngethemba elihle, ngokubanika impenduko ngenxa yezono. 20Ngokuba uma wena wahlulela ngesineke nokucophelela okungaka labo abayizitha zezinceku zakho futhi bemelwe ngukufa, ubanikeza isikhathi nethuba lokuba balahle ukona kwabo, 21ubehlulele abantwana bakho ngokucophelela okungaka, yibaphi abanye okhokho owabanika isifungo nesivumelwano esigcwele izethembiso ezinhle kangaka na? 22Lapha thina sishaywa, uzidaxabula izitha zethu ngokuphindwe ngeshumi lezinkulungwane, ukuze nathi lapho sehlulela, sizindle ngobuhle bakho, sithi lapho sehlulelwa, silindele umusa.
Ukujeziswa KwabaseGibhithe
23Ngakho-ke labo okuthe ngobuwula babo baphila impilo engenakulunga, wabahlupha ngezinengiso zabo. 24Ngokuba baduka kakhulu ezindleleni zokona bethatha njengo nkulunkulu lezo zilwane ezenyanywa ngisho izitha zabo; babeluthekile njengezinsana ezingenangqondo. 25Ngakho-ke, wathumela kubo ukwehlulela njengasezinganeni ezingenangqondo, wababhaxabula. 26Kepha labo abangalalelanga izexwayiso zakho ezincane, bayakuzwa ukwahlulela kukaNkulunkulu okubafaneleyo. 27Lapho sebehlulelwa kanye nezidalwa abebethi zingonkulunkulu babo baphelelwa yithemba base bekhanyelwa ngukuthi uNkulunkulu weqiniso nguye lowo abebengafuni ukumazi. Ngakho-ke behlelwa ngukubhujiswa wabaqothula.