Indumiso KaTobiti
1UTobiti wayesethi:
2“Makabongwe uNkulunkulu
ophila phakade,
ngokuba umbuso wakhe umi phakade,
ngokuba uyashaya abuye ahawukele;
uyehlisela ehayidesi
emathunjini omhlaba,
aphinde ophule ekubhujisweni okukhulu,
akekho ongaphunyuka
esandleni sakhe.
3Maziseni phambi kwezizwe
nina bantwana bakwa-Israyeli;
anihlakazele kuzo.
4Unikhombisile ubukhulu bakhe
nikhona lapho.
Mphakamiseni ngaphambi
kwakho konke okuphilayo,
ngokuba uyiNkosi yethu,
unguNkulunkulu wethu;
unguBaba wethu,
unguNkulunkulu wakho
konke phakade.
5Uyakunishaya
ngenxa yobubi benu,
kodwa abuye anenzele isihawu.
Uyakunibuyisa phakathi kwezizwe
abenihlakazele kuzo.
6Uma niphendukela kuye
ngenhliziyo yenu yonke,
nangomphefumulo wenu wonke,
ukuba nenze okuliqiniso
phambi kwakhe,
uma nenza njalo
yena-ke uyakuphendukela kini
angabe esabufihla ubuso bakhe.
Ngakho-ke bonani
anenzele khona
nihlabe umkhosi kuye
ngezwi elikhulu.
Yibongeni iNkosi
niphakamise umbuso waphakade.
Ekuthunjweni kwami
ngiyamphakamisa yena,
ngibonakalisa amandla
nobukhosi bakhe esizweni sezoni.
Phendukani nina zoni,
nenze okulungileyo
phambi kwakhe
mhlawumbe uyakuba nomusa kini
anenzele isisa.
7Ngakho mina,
ngiyakumphakamisa uNkulunkulu,
umphefumulo wami
uyathokoza eNkosini yezulu.
8Abantu bonke mabakhulume
ngobukhosi bakhe
bamazise eJerusalema.
9Jerusalema, muzi ongcwele,
unihluphile ngenxa yezenzo
zezandla zenu,
kodwa uyakubuye
abe nesihawu kubantwana babalungileyo.
10Yituseni iNkosi,
ngokuba ilungile
niyibonge iNkosi yaphakade,
ukuze ubukhona bayo
bakhiwe ngentokozo phakathi kwenu.
Mayiduduze bonke abathunjwa,
ithande abacindezelweyo
emphefumulweni
kuzo zonke izizukulwane phakade.
11Ukukhanya okukhulu
makufinyelele emikhawulweni yomhlaba.
Izizwe eziningi ziyakuza kuwe
zivela kude,
abakhileyo ezindaweni
ezikwasolokohlo zomhlaba
bathobele igama lakho elingcwele,
bayakuza eNkosini yeZulu
bephethe izipho ezandleni zabo.
Isizukulwane emuva kwesinye
siyakukunika indumiso ngokuthokoza;
kuthi igama lomuzi ongcwele
lime phakade.
12Baqalekisiwe bonke
abakhuluma amazwi amabi ngawe;
baqalekisiwe bonke
abakunqobayo badilize
izindonga zakho,
bonke abadicilela phansi
imibhoshongo yakho
bashise imizi yakho ngomlilo.
Kepha babusisiwe phakade
bonke abakuhloniphayo.
13Ngakho-ke hamba,
ube nokuthokoza ngabantwana
bolungileyo,
ngokuba bayakubuthelwa ndawonye
bayidumise iNkosi ephakade.
14Babusisiwe bonke
abantu abakuthandayo,
abathokoza ngempumelelo yakho.
Babusisiwe nalabo abalila nawe
ngenxa yobuhlungu bakho,
ngokuba bayojabula nawe
bafakazele udumo lwakho phakade.
15Umphefumulo wami
uyayidumisa iNkosi,
uMbusi omkhulu.
16Ngokuba iJerusalema
liyakwakhiwa njengendlu yakhe
phakade.
Ngiyokujabula kangakanani
uma kuyoba khona insali
kwabolibo lwami
ukubona inkazimulo yakho
nokuyiphakamisa iNkosi yeZulu.
Amasango eJerusalema
ayokwakhiwa ngesefaya ne-emeraldi,
nazo zonke izingange zakho
ngamatshe ayigugu,
imibhoshongo yaseJerusalema
iyokwakhiwa ngegolide
nezindonga zalo
ngegolide elicwengekile.
17Imigwaqo yakho Jerusalema
iyakugandaywa ngerubhi
nangamatshe ase-Ofire.
18Amasango akho Jerusalema
ayocula amaculo entokozo,
kuthi zonke izindlu zakho
zivume uHaleluya!
Makabongwe uNkulunkulu ka-Israyeli!
Ababusisiwe bayolibonga
igama lakhe elingcwele
phakade naphakade.”