Ingoma Ehaywa Yinsizwa Ngobuhle Bentombi
Insizwa:
1Uyazi, umuhle sithandwa sami!
Uyazi, umuhle!
Amehlo akho angamajuba
ngale kwemvakazi yakho.
Izinwele zakho zifana
nomhlambi wezimbuzi
wehla entabeni yakwaGileyadi.
2Amazinyo akho
afana nomhlambi wezimvukazi
ezisanda kugundwa,
zikhuphuka zivela kogezwa,
zonke zinamaphahla,
kungekho neyodwa
efelweyo kuzo.
3Izindebe zomlomo wakho
zifana nomucu obomvu,
umlomo wakho muhle,
ufana nocezu lwehananadi,
ngale kwemvakazi yakho.
4Intamo yakho ifana
nombhoshongo kaDavide
onemigqa okuphanyekwa kuyo izikhali;
inkulungwane yamahawu
iphanyekwe kuwo,
zonke izihlangu zamaqhawe.
5Amabele akho amabili
anjengamazinyane,
izixhumo zendluzelakazi
ezingamaphahla,
ziklabe phakathi kweminduze.
6Kuze kuphole ilanga,
namathunzi abaleke,
ngizoya entabeni yemure
nasegqumeni lenhlaka.
7Umuhle ngokuphelele
sithandwa sami,
akukho sici kuwe.
8Woza sisuke eLebhanoni,
makoti wami,
usuke nami eLebhanoni,
wehle esiqongweni se-Amana
nasesiqongweni seShiniri
naseHermoni,
sisuke emiphandwini yamabhubesi
nasezintabeni zezingwe.
9Ungephuce inhliziyo yami,
dadewethu, makoti wami.
Ungephuce inhliziyo yami
ngokungibuka kanye nje
ngeso lakho,
nangomucu owodwa nje
womgexo wentamo yakho.
10Lumnandi kangakanani
uthando lwakho,
dadewethu, makoti wami!
Lumnandi kakhulu kangakanani
uthando lwakho,
ukwedlula iwayini,
nephunga lamakha akho,
kunawo wonke amakha!
11Izindebe zomlomo wakho
ziconsa njengamakhekheba ezinyosi;
makoti wami,
uju nobisi kungaphansi
kolimi lwakho,
iphunga lezingubo zakho
linjengephunga laseLebhanoni.
12Uyisivande esihluthulelwe,
ungumthombo ohluthulelweyo,
isiphethu esibekwe uphawu,
dadewethu, makoti wami.
13Izitshalo zakho ziyisivande
samahananadi
esithela izithelo zekhethelo;
ihena elinamanadi,
14inadi nesafroni,
nomhlanga nesinamoni,
nazo zonke izihlahla zenhlaka,
zemure, zenhlaba,
nazo zonke izinhlobo
zamakha ekhethelo.
15Isiphethu sezivande,
umthombo wamanzi aphilayo,
ogeleza uvela eLebhanoni!
Intombi:
16Vuka, moya wasenyakatho,
woza moya waseningizimu,
uphephethe esivandeni sami,
amakha aso athaphuke;
othandiweyo wami
makeze esivandeni sakhe,
adle izithelo zaso zekhethelo.