USirakhi 49
UJosiya
1Igama likaJosiya lifana nempepho exutshiwe nguchwepheshe kwezamakha. Ukukhumbuleka kwakhe kumnandi njengoju emlonyeni, futhi kufana nomculo emcimbini lapho kuphuzwa iwayini. 2Wenza okwakulungile ngokuvuselela abantu, nangokususa ububi obabuyisinengiso. 3Wayigcina inhliziyo yakhe ibheke kuSimakade; ngesikhathi abantu bephelelwe ngukwazisa umthetho, waqhakambisa impilo yobuNkulunkulu.
UJeremiya
4Ngaphandle kuka-Davide, noHezekiya noJosiya, bonke laba babeyizoni ezinkulu, ngokuba bashiya umthetho woPhezukonke; ngakho-ke ubukhosi bukaJuda bashabalala. 5Banikeza amandla abo kwabanye abantu, nodumo lwabo kwesinye esizweni, 6esathungela ngomlilo umuzi okhethiweyo kanye nendawo engcwele, senza imigwaqo yawo yaba lize, njengokuba uJeremiya ayeshilo. 7Ngokuba babemphathe kabi, lowo okwathi kwasesizalweni wahlukaniselwa ubuphrofethi, ukuba asiphule, ahlakaze nokuba achithe, nokuba akhe futhi atshale.
UHezekeli
8KwakunguHezekeli owabona umbono ngenkazimulo uNkulunkulu amkhombisa yona ngaphezu kwenqola yamakherubhi. 9Ngokuba uNkulunkulu wabe ekushilo nakuJobe owayebambelele kuzo zonke izindlela zobulungisa.
Abaphrofethi Abalishumi Nambili
10Makuthi amathambo abaphrofethi abali-12 abe ngumthombo wempilo entsha nomaphi lapho engcwatshwe khona, ngokuba baduduza abantu bakwaJakobe futhi babophula ngesibindi nethemba.
UZerubhabhele
11Singamphakamisa kanjani uZerubhabhele na? Wayefana nendandatho yokusicilela esandleni sokudla, 12kanjalo noJoshuwa indodana kaJozadaki; emihleni yabo bakha indlu futhi balivusa ithempeli elingcwele likaSimakade, elalehlukaniselwe inkazimulo yakhe ingunaphakade.
UNehemiya
13Kanjalo nokukhunjulwa kukaNehemiya kohlala njalo; ngokuba wavusa izindonga ezaziwile, wamisa amasango nemigoqo yawo, futhi wavuselela nemizi yethu eyayichithiwe.
Okhokho
14Bayingcosana esabake badalwa emhlabeni ababefana no-Enokhi, ngokuba wahlwithwa kulo mhlaba. 15Ngokunjalo akukaze kube khona owazalwa njengoJosefa; okwathi ngisho amathambo akhe anakekelwa. 16UShemu noSethi no-Enoshi bahlonishwa, kodwa ohlonishwa ngaphezu kwazo zonke izidalwa eziphilayo kwakungu-Adamu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.