UNathani
1Emva kwakhe kwavela uNathani ukuba aphrofethe ngesikhathi sikaDavide. 2Njengoba amafutha ehlukaniswa emnikelweni wempilo, kanjalo noDavide wahlukaniswa kuma-Israyeli. 3Wadlala nezingonyama kwangathi zingamazinyane ezimbuzi, nanamabhele kwangathi angamawundu ezimvu zakhe. 4Ebusheni bakhe kazange yini alibulale izimuzimu, wasusa ihlazo labantu bakhe lapho edwiza itshe ngendwayimani wamthela othulini uGoliyathi owayezishaya isifuba na?
5Ngokuba wamnxusa uNkulunkulu oPhezukonke, wanikeza esokunene sakhe amandla ukuba athela othulini iqhawe elikhulu, nokuba aphakamise amandla abantu bakhe. 6Ngakho-ke bamdumisa ngenxa yezindimbane azinqobayo, bambonga ngezibusiso ezivela eNkosini, lapho umqhele wodumo unikezwa yena. 7Ngokuba waqothula izitha zakhe nxazonke, wachitha abamelene naye abangamaFilisti, wawaqeda nya amandla amaFilisti kuze kube namuhla.
8Kukho konke ayekwenza wabonga koNgcwele Ophezukonke ememezela udumo lwakhe; wahlabelela izindumiso ngenhliziyo yakhe yonke, futhi wayemthanda uMdali wakhe. 9Wabeka abaculi phambi kwe-Althare, ukuba benze umsindo omnandi ngamaphimbo abo. 10Wayenza imikhosi yahlonipheka wayihlela kahle ngezikhathi zonyaka, lapho bezodumisa igama likaNkulunkulu eliNgcwele, futhi umsamo ongcwele, i-althare likaSimakade, laduma imvunge yendumiso kusukela entathakusa. 11INkosi yamthethelela izono zakhe, yawaphakamisa amandla akhe kuze kube phakade; yamnikeza isivumelwano sobukhosi, nesihlalo esimangalisayo sombuso ka-Israyeli.
12Emva kwakhe kwavela indodana yakhe eyayinokuhlakanipha okumangalisayo, okwathi ngenxa kayise yaphila ngokuphepha. 13USolomoni wabusa ngesikhathi sokuthula, ngokuba uNkulunkulu wenza yonke imingcele yakhe ibe nokuthula, ukuze akwazi ukwakha indlu egameni likaSimakade, indawo engcwele eyokuma ungunaphakade. 14Maye ukuhlakanipha kwakho usemusha! Wawuphuphuma ukuqonda njengomfula iNayili. 15Udumo lwakho lwagcwala umhlaba wonke, wawugcwalisa nangezaga ezinobuhlakani obujule kakhulu. 16Udumo lwakho lwafinyelela eziqhingini ezikude, wathandwa ngenxa yokubusa kwakho okunokuthula. 17Amahubo akho, izaga kanye nemifanekiso kanjalo nendlela ophendula ngayo, kwamangalisa izizwe eziningi.
18Egameni leNkosi uNkulunkulu obizwa ngokuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli, wabutha igolide elimbiwa phansi, nesiliva kwangathi ngumthofi. 19Kepha wase uletha abesifazane ukuba balale eduze nawe, ngenxa yomzimba wakho wathotshiselwa phansi. 20Wakungcolisa ukuhlonishwa kwakho walihlaza ulibo lwakho, ngakho waletha ulaka phezu kwabantwana bakho, bahlatshwa yiminjunju emikhulu ngenxa yobulima bakho, 21nangenxa yokuba umbuso wehlukana phakathi, kwavuka umbuso ogcwele ukulwa ku-Efrayimi. 22Nokho uSimakade kasoze ayeka ukuhawukela, noma enze ukuba amazwi akhe ashabalale; kasoze asiqothula isizukulwane sabakhethiweyo bakhe, achithe abolibo lwalowo amthandayo. Ngakho-ke wenza insali isale kuJakobe, nokuba kuDavide kuvuswe impande emndenini wakhe.
23USolomoni waya koyisemkhulu, washiya emuva kwakhe omunye wamadodana akhe, ogcwele ubuwula futhi eswele ukuqonda, uRehobhowamu, onqubo yakhe yadonsela abaningi ukuba bamvukele. Ngakho-ke uJerobhowamu indodana kaNebhati wayengela u-Israyeli ekoneni, wabeka u-Efrayimi emzileni wokona. 24Izono zabo zanda ngokuphindiwe, baze bathunjwa ezweni labo. 25Ngokuba bathungatha nayiluphi uhlobo lokonakala, yaze impindiselo yehliselwa phezu kwabo.