UMose
1Ezizukulwaneni zakhe iNkosi yaveza indoda elungileyo, eyathola umusa emehlweni abo bonke, ayithandwa nguNkulunkulu nangabantu, Ukukhunjulwa kukaMose kubusisekile kakhulu. 2Wamenza walingana ngodumo nabangcwele, wamenza waba mkhulu, zaze zathuthumela izitha zakhe. 3Wenza izimangaliso ngezwi lakhe; iNkosi yamphakamisa phambi kwamakhosi. Yamnikeza imithetho ukuze ayedlulisele kubantu, yamembulela inkazimulo yayo. 4Ngenxa yokwethembeka nobunene bakhe yamgcoba, imkhetha phakathi kwaso sonke isintu. 5Yamvumela ukuba ezwe izwi layo, yamholela efini elimnyama, yamnikeza imithetho ubuso nobuso, umthetho wokuphila nowolwazi, ukuze amfundise uJakobe isivumelwano, no-Israyeli izimiso zakhe.
U-Aroni
6Yaphakamisa u-Aroni owayengumnawabo, indoda engcwele njengoMose, wesizwe sakwaLevi. 7Yenza isivumelwano saphakade naye, yamnikeza ubuphristi babantu bakhe. Yambusisa ngobukhulu, yamembathisa ingubo yodumo. 8Yamvunulisa ngobuhle obumangalisayo, yamqinisa ngokumnika izimpawu zegunya, ezangaphansi zelineni, ingubo ende kanye ne-efodi.
9Yamzungeza ngamaphomegranadi nangezinsimbi zegolide, ukuze ezwakale ngomsindo lapho ehamba, ukwenza ukukhala kwazo kuzwakale ethempelini njengesikhumbuzo kubantu bakhe; 10nangezambatho ezibusisiwe zegolide, nezibubende, umsebenzi womhlobisi; nezimpawu zokwahlulela, i-urimi nethumimi; 11nekhrimosoni elinemfingcizo, umsebenzi kachwepheshe; nangamatshe amahle aqoshwe ngokungathi kuyisigxivizo, kuhuqiwe ngegolide umsebenzi wencushe kwezegolide, ukuze akhumbule ngezimpawu yileso naleso sizwe sakwa-Israyeli; 12nangomqhele wegolide ekhanda lakhe uqoshiwe ngobuNgcwele, umsebenzi kachwepheshe wenani elikhulu, omuhle ukuwubuka ngamehlo, ohlotshiswe ngokumangalisayo.
13Ngaphambi kwakhe lezi zinto ezinhle kangaka azizange zibe khona. Futhi akekho owangaphandle owake wazigqoka ngaphandle kwamadodana akhe, nezizukulwane kuqhubeke njalo. 14Iminikelo yakhe iyoshiswa yonke, kabili ngosuku izizukulwane ngezizukulwane. 15UMose wambeka wamgcoba ngamafutha angcwele lokho kwaku yisivumelwano saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe ingunaphakade, ukumkhonza uNkulunkulu njengabaphristi, futhi babusise abantu bakhe egameni lakhe.
16Yamkhetha phakathi kwabo bonke abaphilayo ukuze anikele iminikelo kuyo, impepho nephunga elimnandi kube yisikhumbuzo esihle nokushwelezela abantu bayo. 17Emithethweni yakhe yamnika igunya nezimiso kanye nokwahlulela ukufundisa uJakobe ubufakazi, nokukhanyisela u-Israyeli ngoMthetho wakhe. 18Amambuka aceba icebo aba nomona ngaye ehlane, uDathani no-Abiramu kanye nabalandeli babo kanjalo noKora nabalandeli bakhe, begcwele ulaka nentukuthelo.
19INkosi uSomandla yakubona lokhu ayaze yathokoza ngakho, ngakho-ke ekuthukutheleni kwayo yababhubhisa; yenza izimangaliso ukuze ibaqothule ngomlilo ovuthayo. 20Yalwandisa udumo luka-Aroni, yamnikeza ifa; yamnika okuhle kwezithelo zokuqala, wenza izinkwa eziningi ngazo; 21ngokuba badla iminikelo yeNkosi eyayinikeza yena nenzalo yakhe. 22Kepha ezweni labantu kanikwanga yena isabelo; ngokuba iNkosi uMvelinqangi uqobo iyisabelo nefa lakhe.
UFineyase
23UFineyase indodana ka-Eliyezare ungowesithathu ngodumo ngokuba wayenogqozi nofuqufuqu ngomthetho kaSimakade, ngenxa yesibindi senhliziyo yakhe; wama waqina lapho abantu behlubuka, futhi wamshwelezela u-Israyeli. 24Ngakho-ke wenza isivumelwano sokuthula naye, ukuthi uyakuba ngumholi emsamu ongcwele i-althare kanye nowabantu bakhe, nokuthi yena kanye nezizukulwane zakhe babe nesizotha nesigqi sobuphristi kuze kube phakade.
25Njengoba yenza isivumelwano noDavide indodana kaJese wesizwe sakwaJuda ukuthi ifa lenkosi ledlulela endodaneni kuya kwenye, kanjalo ifa lika-Aroni lingelenzalo yakhe yodwa. 26Ngakho-ke mdumise uNkulunkulu okwembathise ngodumo. Sengathi iNkosi ingakupha ukuhlakanipha kwengqondo ukuze wahlulele abantu bayo ngobulungisa, ukuze ingcebo yabo ingashabalali, nodumo lwabo lume izizukulwane ngezizukulwane.