USirakhi 34
Amaphupho
1Abangenangqondo banamathemba ayize, futhi amaphupho anikeza izimpiko eziwuleni. 2Njengalowo ozama ukubamba isithunzi exosha umoya, unjalo umuntu okholelwa emaphusheni. 3Lokho okubonwa emaphusheni kungumfanekiso nje, kufana nomfanekiso womuntu ezibuka yena. 4Yini engahlanzeka ivela kokungahlanzekile na? Yini nengaba yiqiniso ivela emangeni na? 5Ukubhula nezinto ezizenza kungathi zinhle kanye namaphupho kakulona iqiniso, kufana nowesifazane eqalwa imihelo, ingqondo inezinto ephupha ngazo. 6Ungaze wazinaka ngaphandle kokuba zithunyelwe zivela koPhezukonke. 7Ngokuba amaphupho akhohlise abaningi, labo ababeka ithemba labo kuwo, babhubhile. 8Umthetho uyagcwaliseka nokuhlakanipha kuphelele emlonyeni wabakholekileyo.
Ukuhamba
9Umuntu okade ehamba wazi izinto eziningi, lowo ongumakadebona uyazi ukuthi ukhuluma ngani. 10Umuntu ongenamava wazi okuyingcosana, 11kodwa lowo osehambe kakhulu uqongelela ukuhlakanipha okuningi. 12Kuningi engikubone ekuhambeni kwami, ngiqonda nokuningi kunalokho engingakwazi ngisho ukukhuluma ngakho.
Ukwesaba UNkulunkulu
13Kukaningi ngisengozini yokufa, kodwa ngaphunyuka ngenxa yalolu lwazi. 14Lowo owesaba Nkulunkulu akanaluvalo, akayikwesaba ngokuba ithemba lakhe likuye osindisayo. 15Ubusisiwe umphefumulo owesaba uSimakade! Ngubani obheka kuye? futhi wencike kubani na? 16Amehlo eNkosi akulabo abayithandayo, Iyisihlangu sabo nensika yabo enamandla, inqaba yokukhosela esivunguvungwini esishisayo, nomthunzi wabo ekushiseni kwelanga, umlindi wabo ukuze bangaqhuzuki, kanye nosizo lwabo lapho bewayo. Amehlo kaSimakade aphezu kwabo bonke abamthandayo, amandla akhe ayisihlangu nosizo lwabo olukhulu, awumpheme ekushiseni, ayisigubuzelo esivuvini semini, ayisisekelo ukuze bangadiyazeli, alusizo ukuze bangawi. 17Uyawuphakamisa umphefumulo alethe ukukhanya emehlweni; unikeza ukuphila kanye nesibusiso.
Ukwenza Iminikelo
18Umnikelo womuntu ongalungile ungcolile, awuthokozisi futhi ngeke usikhonge isibusiso ngoba uyisipho esibi. 19Ophezukonke akathokozi ngomnikelo wabangalungile, ngisho nangeminikelo eminingi akazithetheleli izono. 20Njengalowo obulala indodana yakhe phambi kukayise, unjalo umuntu onikela umnikelo awuthathe empahleni yompofu. 21Isinkwa sabasweleyo singukuphila kwabampofu; lowo ovimbela ukuba basithole ungumbulali woqobo. 22Ukwaphuca umakhelwano wakho lokho aphila ngakho kungukubulala; ukungakhokheli isisebenzi inkokhelo yaso kufana nokuchitha igazi. 23Lapho omunye akha bese omunye ediliza, bazuzani ngaphandle kokusebenza kanzima na? 24Lapho omunye ekhuleka nomunye eqalekisa, iNkosi izakulalela bani na? 25Uma umuntu egeza izandla zakhe emva kokuthinta isidumbu abuye asithinte futhi, uzuzani ngokugeza kwakhe na? 26Ngakho-ke uma umuntu ezila ngenxa yezono zakhe, aphume abuye enze futhi lokho abekwenzile, ngubani ozakulalela umkhuleko wakhe na? Futhi uzuzeni ngokuzithoba kwakhe na?
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.