USirakhi 32
1Uma bekwenza ube ngumphathi womcimbi, ungaziphakamisi; yiba yingxenye yabo bonke abamenyiwe. Nakekela bona kuqala ngaphambi kokuba uhlale phansi; 2lapho usuwufezile wonke umsebenzi wakho, thatha indawo yakho phakathi kwabo ukuze ujabule kanye nabo uze uthole umqhele ngenxa yobuholi bakho obuhle. 3Khulumani, nina enibadala ngokuba kuyilungelo lenu, kodwa akube ngolwazi olushaya emhlolweni, futhi ningawuphazamisi umculo. 4Lapho kuthokozwa khona, ungakhulumeli futhi; ungalweli ukuveza ubuhlakani bakho ngesikhathi okungesona esifanelekile.
5Lapho kuthokozwa khona ngewayini, umculo, ufana nesigxivizo serubhi emxhakeni wegolide. 6Umkenenezo womculo ohambisana newayini ufana nobuhle be-emeraldi phakathi kwengcebo yegolide. 7Khulumani, nina enisebasha, uma kufanele ukuba nenze njalo, kodwa khulumani kungadluli kokubili, futhi nakhona uma ubuziwe. 8Yiba mfishane, usho okuningi usebenzisa amazwi ambalwa; yiba njengonolwazi kodwa okwaziyo ukuzibamba. 9Uma uphakathi kwabakhulu ungazenzi olingana nabo; nalapho omunye ekhuluma unganyenyezi.
10Umbani wendulela ukuduma kwezulu, kanjalo nokwamukelwa kwendulela lowo ozehlisayo. 11Hamba ngesikhathi esifaneleyo, ungaze ube ngowokugcina; buyela ekhaya lakho, musa ukulokhu umningi lapho. 12Zithokozise ujabule ngenhliziyo yakho, kodwa qaphela ukuba ungoni ngamazwi okuziphakamisa. 13Kepha ngaphezu kwakho konke, mdumise uMdali wakho, okupha izipho zakhe ezinhle.
Ukwesaba UNkulunkulu
14Omfunayo uNkulunkulu uyakwemukela ukuqondiswa nguye, nalabo abavuka ekuseni ukumfuna, bayowufumana umusa wakhe. 15Lowo ofuna umthetho, uyogcwaliswa ngolwazi lwawo, kodwa umzenzisi, uyakuqhuzulwa yiwo. 16Labo abamesabayo uSimakade benza izinqumo ezinhle, futhi bayakuba ngabaphembi bokuhle njengokukhanya. 17Isoni siyakwedelela ukukhuzwa, silandela intando yaso. 18Umuntu ohlakaniphile kayibukeli phansi imibono ehlakaniphile; kodwa isijaka esiziphakamisayo asethuswa yilutho.
19Ungenzi lutho ngaphambi kokuba uxoxe nabanye, kodwa uma usuze wakwenza lokho ungazinyezi ngesinqumo sakho. 20Ungayihambi indlela egcwele izingozi, futhi ungaqhuzulwa yinto eyodwa kuze kube kabili. 21Ungazenzi owazi kakhulu ngoba ubona izinto ziqondile zihamba kahle, 22futhi iqaphelisise indlela yakho. 23Qaphela kukho konke okwenzayo, ngokuba lokhu kungukugcina imiyalo. 24Lowo ogcina umthetho uzilonda yena, nalowo owethemba uSimakade kanakulahlekelwa lutho.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.