1Nkosi, Baba noMbusi wempilo yami, ungangiyekeli emacebeni abo, ungavumi ngiwe ngenxa yabo! 2Ngubani oyakwelusa imicabango yami ngenkalivasi, nozobeka ukuzithiba kwenhlakanipho phezu kwengqondo yami, ukuze ingangithetheleli emaphutheni ami, futhi ingathalalisi ezonweni zami na? 3Uma kungenjalo funa amaphutha ami aphindwaphindwe, nezono zami zibe yintilibathwa, ngize ngiwe phambi kwesitha sami, bese sithokoza ngami. 4Nkosi, Baba noNkulunkulu wempilo yami, uze unganginiki amehlo anegqabho, 5susa kimi izimfiso ezimbi. 6Ungavumeli ubugovu nezinkanuko kungahlule, futhi unganikeli impilo yami ezinkanukweni ezihlazisayo.
Ukuthiba Ulimi
7Lalelani, izeluleko bantabami, ezimaqondana nomlomo; lowo ozigcinayo kasoze angena ogibeni. 8Isoni sibanjwa ngokukhuluma kwaso; onenhlamba nophakemeyo bakhutshwa lulimi lwabo. 9Ungawejwayezi umlomo wakho ukwenza izifungo, noma wejwayele ukuphimisa igama loNgcwele; 10ngokuba njengoba isisebenzi esihlala sigadiwe njalo singeke sihlale singenamivimbi, kanjalo nomuntu ohlala efunga futhi ephimisa neGama, akuyikwenzeka ukuba ahlanzwe esonweni. 11Lowo ohlala efunga njalo ugcwele ububi, kanjalo nemivimbo iyakuhlala endlini yakhe. Uma efunga ngokuyiphutha, isono sakhe siyakuhlala phezu kwakhe, uma engasinaki isifungo sakhe, isono sakhe sophindwa kabili; lapho enza isifungo esiyiphutha, akanakuthethelelwa, nendlu yakhe iyakwehlelwa zinhlekelele eziningi.
Ukukhuluma Okungcolile
12Ikhona indlela yokukhuluma efana nokufa; mayingafunyanwa enzalweni eyifa likaJakobe! Ukuziphatha okunjalo kukude nabakaNkulunkulu, futhi abanakubhukuda esonweni. 13Ungawujwayezi umlomo wakho ukukhuluma okubi nokuhlambalazayo, ngokuba kugcwele kukho ukona. 14Khumbula uyihlo nonyoko lapho uhleli phakathi kwezikhulu, funa uzikhohlwe lapho uphakathi kwazo, bese uziphathisa okwesiwula ngenxa yemikhuba emibi yazo, ufise sengathi ngabe awuzalwanga, uze uqalekise usuku owazalwa ngalo. 15Umuntu ojwayele ukusebenzisa ulimi oluhlukumezayo akasoze aba nokuzithiba zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
Izono Zesinene
16Kunezinhlobo ezimbili zabantu ezandisa ukona, olwesithathu luzuza ulaka. 17Umuntu oshiselwa yinkanuko evuthisa okomlilo angeke ayicime ize izilothele yona; nalowo ohlobonga nesihlobo sakhe kanakuyeka uze umlilo wesono umgwinye. Kohlobongayo konke kumnandi, futhi akakhathali aze afe. 18Umuntu owonayo ngokwesinene ahlambalaze umshado wakhe, uzibuza athi: “Ngubani ozongibona na? Ubumnyama bungihaqile, nezindonga zingifihlile, futhi akekho ongibonayo. Kungani ngikhathazeke? Ophezukonke akanakuzikhumbula izono zami.”
19Uvalo lwakhe lugcina emehlweni abantu futhi akumkhanyeli ukuthi amehlo kaSimakade akhanya ukwedlula ilanga ngezinkulungwane ezilishumi; abona nayiyiphi ingxenye yokuziphatha komuntu futhi abona okufihlakele. 20Ungakadatshulwa umhlaba yena wayewazi, ulwazi lwakhe alukaze lushintshe nasemuva kokudalwa kwawo. 21Lo muntu wojeziswa ezitaladini zomuzi, futhi lapho engazelele, uyakubanjwa. 22Kunjalo nangowesifazane oshiya umyeni wakhe bese emtholela indlalifa kwenye indoda. 23Ngokuba, okokuqala udelelile umthetho woPhezukonke; okwesibili, umonile umyeni wakhe; okwesithathu, ngokuphinga kwakhe, wazala abantwana kwenye indoda. 24Yena uqobo uyakumiswa phambi komhlangano, futhi ukujeziswa kwakhe kodlulela nasebantwaneni bakhe. 25Abantwana bakhe abanakuchuma, kuthi amagatsha akhe angatheli sithelo. 26Ukukhunjulwa kwakhe kogcwala isiqalekiso, ihlazo lakhe kalisoze lesulwa. 27Labo abaphunyuke kuye bokhanyelwa ngukuthi akukho okwedlula ukwesaba uSimakade, akukho nokumtoti okwedlula ukulalela imiyalo yeNkosi.