USirakhi 20
Yazi Ukuthi Kufanele Ukhulume Nini
1Kukhona ukusola okungezi ngesikhathi esifaneleyo, futhi kukhona umuntu ohlakaniphe ngokwanele kodwa ozithulelayo. 2Kungcono kakhulu ukuba usole kunokuba ugcwale intukuthelo 3lowo ovuma iphutha lakhe uyophepha ekulahlekelweni. 4Njengomthenwa ekhanukela ukona intombazane, unjalo umuntu owenza ukulunga ephoqiwe. 5Omunye uyathula kucatshangwe ukuthi uhlakaniphile, omunye enyanywe ngenxa yokuba ekhulumela futhi. 6Omunye uyathula ngoba kungekho azokusho, kube khona othulayo ngoba esazi isikhathi esifanele sokuba akhulume. 7Umuntu ohlakaniphileyo uyathula kuze kufike isikhathi esifanele, kodwa isilima sithanda ukuzigqaja size sedlulwe nangumzuzu waso ofanelekile. 8Umuntu okhulumela futhi unesigcwagcwa, nalowo ozenza onegunya uyazondwa. Kuhle kangakani ukhombisa ukuphenduka lapho usolwa, ngokwenza njalo uyophunyuka esonweni samabomu.
Ukuguquguquka Kwezimo
9Kungenzeka umuntu osebunzimeni abe nenhlanhla enkulu, kodwa leyo nhlanhla inokumlahlekela. 10Kukhona isipho esingalethi nzuzo kuwe, nesipho esinomvuzo ophindiwe. 11Kukhona ukulahlekelwa ukuze umuntu azuze udumo, kukhona nabaphakanyiswe ezimeni zokuthotshiswa. 12Abanye bathenga okuningi ngentengo encane, kanti abanye bayikhokhela yona leyo nto ngokuphindwe kasikhombisa. 13Ohlakaniphile uzenzela ugazi ngamazwi akhe, kodwa inhlonipho yeziwula iyakuchitheka njengamanzi. 14Isipho sesilima asikuletheli nzuzo, ngokuba ulindela ukukhokhelwa ngokuphindiwe. 15Unikela kancane alindele okukhulu; uvula umlomo wakhe njengokhalela umuzi. Namuhla uyabolekisa kodwa kusasa akufune lokho akuboleke omunye; onjalo uyanengeka. 16Isilima sithi: “Anginamngani, futhi angitholi kubongwa ngemisebenzi yami emihle. 17Labo abadla isinkwa sami bazindebe zigcwele ububi.”
Bangaki abayakuhlekisa ngaye futhi kaningi kangakanani na? Ngoba lokho anakho akakwemukelanga ngokwethembeka, nalokho angenakho kakugqizi qakala.
Ukukhuluma Okuyize
18Kungcono ukushelela onqenqemeni lomgwaqo kunokushelela kolimi; kunjalo ukuwa kwababi kuyokwenzeka ngokushesha. 19Idlakadlaka lomuntu lifana nendaba engashayi emhlolweni kodwa ehlala isematheni kwabangenalwazi. 20Isaga esiphuma emlonyeni wesilima asemukeleki, ngokuba kasisikhulumi ngesikhathi esifaneleyo. 21Omunye unokuvinjelwa ngubuphofu ukuba one; kuthi lapho ephumule angabi nalusizi lokuzisola. 22Omunye unokulahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yehlazo nokuphoxeka, noma kumlahlekele ngenxa yobuphukuphuku bakhe. 23Omunye ngenxa yokuzenyeza wenza isethembiso kumngane wakhe, ngaleyo ndlela adale ubutha ngento engasho lutho.
Ukuqamba Amanga
24Amanga ayichilo elibi kumuntu; ayohlala esemlonyeni wabangenalwazi. 25Isela lingcono kunomuntu ohlala ehubhuza amanga kodwa isabelo sabo bonke singukubhujiswa. 26Indlela yomuntu onamanga imholela ekuphoxekeni, nehlazo lakhe lihlala likuye njalo.
Amazwi Ahlakaniphile Ngezaga
27Umuntu ohlakaniphile uyazenzela inqubekela-phambili ngamazwi akhe, kodwa lowo onengqondo uthokozisa abayizikhulu. 28Lowo olima umhlabathi uqongelela isivuno sakhe, futhi lowo othokozisa izikhulu uyozihlenga yena ebubini. 29Ukubungazwa, nezipho kuyawaxhopha amehlo ezihlakaniphi; kunjengesamfonyo emlonyeni wabo, ababe besakwazi ukusola. 30Inhlakanipho efihlakele kanye nengcebo engabonakali, kunalusizo luni kokubili na? 31Ungcono umuntu ofihla ubuphukuphuku bakhe kunalowo ofihla inhlakanipho yakhe.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.