USirakhi 13
1Othinta umule, uyakuba mnyama bhuqe futhi ozihlanganisa nozigqajayo uyokhula afane naye. 2Ungazami ukuthwala umthwalo ongaphezu kwamandla akho, noma uzencikanise nomuntu ongaphezu kwakho okanye ocebile kunawe. Isitsha sebumba singaqhathaniswa kanjani nesensimbi na? Uma zishayisana ibumba liyakuphihlika. 3Umuntu ocebileyo uyona bese eqhubekela phambili ngokwedelela; ompofu uyoniwa bese kulindeleka ukuba axolise. 4Uma ocebileyo ekwazi ukukugqilaza ngaphandle kwenkokhelo kukhomba ukuthi unosizo kuye, kodwa kuthi lapho ususwele akulahlise okwenyongo yenyathi. 5Uma umi kahle uyoba ngumngani wakho ozwakala ekhaleni, akuvove uze ube lugoqwana ngaphandle kokulahlwa unembeza. 6Uma ekudinga uyokukuyenga ngenkohliso, abe ngokuthokozele nokugqugquzelayo, akhulume kahle athi: “Ngingakwenzelani?”, 7akuthele ngamahloni ngokuhle akwenzela khona, akuvove uze ube lukhokhothi; kuthi isigcino akwenze inhlekisa. Emva kwalokho uma ekubona akwedlule sengathi kakwazi akunikinele ikhanda. 8Qaphela ungadukiswa futhi uphoxeke lapho uthokozile.
9Uma isikhulu sikumema, ungasheshi ukwemukela isimemo, size sikucindezele ekukumemeni. 10Ungabi ngungqaphambili, funa uphoxeke, futhi ungemi wedwa funa ukhohlakale. 11Ungazikhohlisi sengathi niyalingana noma ukhohliswe ingxoxo yakhe ende ngesikhathi ekhuluma, angakuyengi ngokukumamathekela kwakhe kanti uyakwela. 12Banesihluku labo abangenasifuba ngeke bakuvikele ebubini nasemaketangweni. 13Ungathululi isifuba sakho noma kubani hlala uqaphile ngoba uhamba engozini. 14Uma uphupha ngalezi zinto vuka, mthande uNkulunkulu impilo yakho yonke umbize oyinsindiso yakho. 15Zonke izinto eziphilayo zithanda okufana nazo, kanjalo nabantu. 16Zonke izidalwa zihambisana nezifana nazo, kanjalo nabantu banamathele kwabajwayelene nabo.
17Yini nje efanayo phakathi kwenkentshane newundlu, noma phakathi kwesoni nowesaba uNkulunkulu na? 18Kuthula kuni okungaba khona phakathi kwempisi nenja, naphakathi kocebileyo nompofu na? 19Njengoba amabhubesi edla izimbongolo zasendle kanjalo abacebileyo baphila ngabampofu. 20Njengoba ukuzithoba kubenyanyisa abaphakeme kanjalo abacebileyo bayanengwa ngabampofu. 21Uma ocebileyo ehamba entengantenga, uqiniswa ngabangani bakhe; ompofu uyawa, abangani bakhe bashaye sengathi abamazi. 22Nxa ocebileyo eshelela baningi abaphuthuma ukumsiza; uma esho utho olubi bayamxolisela. Kodwa uma ompofu eshelela, uthola ukugxekwa; noma ngabe ukhuluma okunomqondo kalalelwa muntu. 23Uma kukhuluma ocebileyo, bonke bayathula; bese bedumisa inkulumo yakhe. Uma ompofu ekhuluma bathi: “Ungubani yena lo?”
Uma ekhubeka bamdudulela phansi. 24Ingcebo engangcolisiwe isono inhle, kepha ubuphofu bubi kuphela emehlweni abangalungile. 25Inhliziyo iyabuguqula ubuso bomuntu ibenze bube buhle noma bube bubi. 26Ubuso obuchachambile bukhombisa umuntu onenhliziyo enhle, kodwa ukuqamba izaga kudinga umqondo ojulileyo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.