Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (8)
1Ungcono onokuncane, owomileyo enokuthula,
kunendlu egcwele okuhlatshiweyo nokuxabana.
2Inceku eyenza okuhlakaniphileyo
iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo;
iyakudla ifa njengomunye wezelamani.
3Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,
nesithando somlilo ngesegolide,
kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.
4Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo,
nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5Odelela ompofu usola uMenzi wakhe,
nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.
6Abazukulu bangumqhele wabadala,
abazali bayigugu kubantwana.
7Izindebe ezinobugagu azisifanele isiwula;
kakhulu kangakanani-ke izindebe zenkohliso
kumuntu ohloniphekileyo na?
8Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni
alowo okwenzayo,
noma ebhekaphi uyaphumelela.
9Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha olulandelayo udaba
udalula imfihlo,
wehlukanisa abangani abasondelene.
10Ukusolwa kungena kujule kulowo onokuqonda,
kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela,
ngalokho uyakuthunyelwa isithunywa esinonya.
12Kungcono ukuhlangana nebhere
elephucwe amawundlu alo,
kunesiwula ebuwuleni baso.
13Ophindisela okuhle ngokubi,
ububi abuyukusuka endlini yakhe.
14Ukuqala kwengxabano
kufana nokuvulelwa kwamanzi,
ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
15Othetha ngecala isikhohlakali,
nolahla ngecala olungileyo,
bobabili bayisinengiso kuSimakade.
16Yini ukuba isiwula
sibe nemali yokuthenga
ukuhlakanipha esandleni,
sibe singenangqondo na?
17Umngani uyathanda ngezikhathi zonke,
kodwa umfowenu wazalelwa
ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.
18Umuntu oswela ukuqonda uxhawulana nomunye,
enze isivumelwano,
isithembiso phambi kukamakhelwane wakhe.
19Owephula umthetho uthanda ingxabano;
owenza isango lakhe liphakame
ukhonga ukubhujiswa.
20Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle;
onolimi oluphambeneyo uwela engozini.
21Ozala isiwula ufumana usizi;
uyise wesiwula akathokozi.
22Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo
womisa amathambo.
23Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe,
ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.
24Ukuhlakanipha kuphambi komuntu onokuqonda,
kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25Indodana eyisiwula iwusizi kuyise,
nomunyu kowayizalayo.
26Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle,
nokushaya abaqotho akulungile.
27Obamba amazwi akhe unokwazi;
onomoya ozothile ungumuntu onokuqonda.
28Nesiwula lapho sithule kuthiwa yisihlakaniphi,
novala umlomo wakhe unokuqonda.