Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (3)
1Othanda ukuyalwa uthanda ulwazi,
kodwa ozonda ukusolwa uyisiwula.
2Umuntu owenza kahle uthola umusa kuSimakade,
kepha onamacebo amabi uyamlahla.
3Umuntu akanakuma ngenkohlakalo,
kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.
4Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kumyeni wakhe,
kepha ohlazisayo ufana nokubola
emathanjeni omyeni wakhe.
5Amacebo abalungileyo angubulungiswa,
kepha izeluleko zababi ziyinkohliso.
6Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi,
kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.
7Izikhohlakali ziyobhujiswa, ziphele nya,
kodwa indlu yabalungileyo iyokuma njalo.
8Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe,
kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.
9Kungcono ukuba ngodelelekile
kodwa ube nenceku,
kunokuba ngoziqhakambisayo ube weswele ukudla.
10Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe,
kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
11Olima insimu yakhe uyodla asuthe,
kodwa olandela amayiyane akanangqondo.
12Isikhohlakali silangazelela impango yababi,
kepha impande yabalungileyo iyathela.
13Omubi ubanjwa ukuphambuka kwakhe
kwakusho ngomlomo wakhe,
kodwa olungileyo uyaphuma enkathazweni.
14Umuntu uyasutha ngokuhle okuyisithelo somlomo wakhe,
nemisebenzi yezandla zakhe imlethela inzuzo.
15Indlela yesiwula ibukeka ilungile emehlweni aso,
kepha lowo olalela iseluleko uhlakaniphile.
16Isiwula sikukhombisa masinyane
ukuthukuthela kwaso,
kodwa onengqondo uyalifihla ihlazo.
17Okhuluma ukwethembeka umemezela ukulunga,
kepha ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.
18Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza
kufana nokuhlaba kwenkemba,
kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.
19Izindebe ezikhuluma iqiniso
ziyakuma kuze kube phakade,
kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
20Kunokukhohlisa ezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha ukuthula nenjabulo kukubaluleki beqiniso.
21Olungileyo akayukwehlelwa nangokukodwa okubi,
kepha izikhohlakali zigcwele ukukhathazeka.
22Izindebe ezikhuluma amanga
ziyisinengiso kuSimakade,
kodwa abenza iqiniso bayintokozo yakhe.
23Umuntu ohlakaniphileyo uyalufihla ulwazi,
kepha izinhliziyo zeziwula ziphafuza ubuwula.
24Isandla sabakhuthele siyobusa,
kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.
25Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayidangalisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa.
26Olungileyo ungumholi womngani wakhe,
kepha indlela yezikhohlakali iyazidukisa.
27Ivila aliyosi inyamazane yalo,
kodwa okhuthele unengcebo eningi.
28Endleleni yokulunga kunokuphila,
emikhondweni yakho akukho ukufa.