Umthetho Weminikelo Yecala
1“ ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngeminikelo yecala. Ingcwelengcwele. 2Umnikelo wecala uyakuhlatshelwa lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, igazi lawo lifafazwe nxazonke ze-althare. 3Uyakunikela ngawo wonke amanoni awo; umsila ononileyo, nomhlwehlwe, 4izinso zombili ezisokhalo namanoni akuzo, nengxenye yesibindi enonile iyosuswa nezinso. 5Umphristi uyakukushisa kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo womlilo kuSimakade; kungumnikelo wecala. 6Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.
7“ ‘Uma kwenziwa umnikelo wesono njengomnikelo wecala kuyolandelwa indlela yomthetho efanayo; umphristi owenza ukubuyisana ngawo kuyoba ngowakhe. 8Umphristi onikela ngomnikelo wokushiswa olethwe wumuntu, isikhumba somnikelo wokushiswa awunikele kuyoba ngesakhe. 9Yonke iminikelo yokusanhlamvu ebhakwe kuhhavini, naleyo elungiselwe okhambeni nasemqengeleni ombozwayo iyakuba ngeyomphristi onikele ngayo. 10Yonke iminikelo yokusanhlamvu exutshwe namafutha neyomileyo iyoba ngeyawo wonke amadodana ka-Aroni, anikwe ngokulinganayo.’ ”
Umthetho Weminikelo Yokuthula
11“ ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa lapho kwenziwa imihlatshelo yeminikelo yokuthula eyonikelwa kuSimakade.
12“ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakuwunikela uhambisana nomnikelo wokubonga wamaqebelengwane angenamvubelo axutshwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha. 13Uyakuletha nomnikelo wokubonga umhlatshelo wakhe wokuthula namaqebelengwane esinkwa esinemvubelo. 14Uyothatha libe linye iqebelengwane emnikelweni wakhe, libe ngumnikelo kuSimakade, liyoba ngelomphristi oyofafaza igazi leminikelo yokuthula. 15Inyama yomnikelo wakhe wokubonga ukuthula iyodliwa ngosuku anikele ngalo; akuyukushiywa lutho lwayo kuze kube sekuseni.
16“ ‘Kepha uma umhlatshelo owunikelayo ungowesifungo noma ungowesihle, uyodliwa ngosuku onikelwe ngalo; okuseleyo kuwo kuyodliwa ngakusasa, 17kodwa inyama eyosala kuze kube lusuku lwesithathu, iyoshiswa ngomlilo. 18Uma nje inyama yomnikelo wakhe wokuthula idliwe ngosuku lwesithathu, umnikelo wakhe awuyukwamukeleka, futhi awuyukubalelwa kulowo owunikeleyo; uyakuba yisinengiso, kanjalo nomuntu oyidlayo uyothwala icala.
19“ ‘Inyama eyothintana nokungcolileyo ayiyukudliwa; iyakushiswa emlilweni, nokho enye inyama bangayidla bonke abahlambulukileyo. 20Kepha oyokudla inyama yomhlatshelo wokuthula kaSimakade esangcolile uyonqunywa. 21Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”
22USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 23“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyukuwadla amanoni enkomo, awenqama, nawembuzi. 24Amanoni engcuba nawokudweshulwe yisilwane sasendle angasetshenziselwa yonke eminye imisebenzi, kodwa aniyukuwadla nhlobo. 25Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa. 26Aniyukulidla igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo kunoma yiyiphi yezindlu zenu. 27Oyodla igazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
28USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 29“Yisho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Onikela ngomhlatshelo wokuthula kuSimakade, uyakuletha umnikelo wakhe kuSimakade emnikelweni wakhe wokuthula. 30Uyakuwuletha ngezandla zakhe umnikelo wokushiswa kaSimakade. Uyoletha amanoni nesifuba ukuze isifuba sizungeziswe, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. 31Umphristi uyoshisa amanoni e-althare, kodwa isifuba kuyoba ngesika-Aroni namadodana akhe. 32Umlenze wesokunene emhlatshelweni wokuthula, niyowunika umphristi; ube umnikelo. 33Emadodaneni ka-Aroni, leyo eyonikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni, iyonikezwa umlenze wesokunene. 34Isifuba sokuzungeziswa nomlenze ongumnikelo engikuthathe emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabakwa-Israyeli, ngikunike u-Aroni umphristi namadodana akhe kube yisabelo sabo esimisiweyo esiphakade esivela kubantu bakwa-Israyeli.’ ”
35Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi, 36uSimakade ayala ngakho ukuba bakunikwe ngabantu bakwa-Israyeli mhla ebagcoba; kube yisabelo esimisiwe esiphakade ezizukulwaneni zabo.
37Lena yindlela yomthetho eyolandelwa yeminikelo yokushiswa neminikelo yokusanhlamvu, neminikelo yesono, neminikelo yecala, nowokwehlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula, 38uSimakade amyala ngawo uMose entabeni iSinayi, ngosuku ayala ngalo abakwa-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yabo kuSimakade ehlane iSinayi.