U-Elihu Uthi Ukuhlakanipha Namandla KaNkulunkulu Kukhonjwa Ngokubusa Kwakhe Ukuduma Nemvula
1“Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela,
isuke endaweni yayo.
2Lalelani, nizwe ukuduma kwezwi lakhe,
nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3Ukuthumela phansi kwezulu lonke,
unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.
4Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma,
uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi,
akalunqandi unyazi
uma kuzwakala izwi lakhe.
5UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe;
wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.
6Ngokuba uthi eqhweni:
‘Khithikela emhlabeni;’
kanjalo nasesihlambini semvula,
yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
7Ubeka uphawu ezandleni zabantu
ukuze bonke abantu
bayazi imisebenzi yakhe.
8Izilwane zibuyela ezikhundleni zazo,
zihlale emihumeni yazo.
9Isikhwishikhwishi siphuma engosini yaso,
namakhaza avela emoyeni ohlabayo.
10Ngokuphefumula kukaNkulunkulu,
kuvela ungqoqwane namanzi
ngobuningi bawo,
abe yiqhwa.
11Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama,
awendlale amafu onyazi lwakhe,
12ayazungeza,
ajikeleze njengalokhu ewaqondisa,
ukuze akufeze konke awayale khona
ebusweni bomhlaba,
13noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa,
noma umhlaba wakhe,
noma ngothando,
uyakuvumela ukuba kwenzeke.
14“Beka indlebe kulokhu, Jobe,
uthule du,
uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.
15Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwashayela
kanjani umthetho,
enze unyazi lwakhe lubanize emafini na?
16Uyazi yini ukuthi amafu
endlaleke kanjani,
umsebenzi omangalisayo
walowo Ophelele olwazini,
17wena ozembatho zakho zifudumele,
lapho umhlaba uthule ngenxa yeshisandlu na?
18Ungaseneka yini isibhakabhaka njengaye,
siqine njengesibuko esibunjiweyo na?
19Sifundise esiyakukusho kuye,
asinakulubeka udaba lwethu,
ngenxa yokuthi sidukuza oswini.
20Angatshelwa yini uNkulunkulu
ukuthi ngizokhuluma na?
Ukhona yini ongathi
ufuna ukubhujiswa na?
21Abantu abazukuwubona umbani emafini
ngoba umoya sewedlulile, selicwathile.
22Ngasenyakatho kuqhamuka inkazimulo yegolide,
uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23USomandla singemqonde,
mkhulu ngamandla nangobulungiswa,
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.
24Ngakho-ke abantu bayamesaba,
kodwa akabagqizi qakala
abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”