UJobe Uyalingwa
Ukubekezela Kwakhe
1Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade. 2USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?”
USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.”
3Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”
4USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe. 5Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”
6USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”
7USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. 8UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni.
9Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.”
10Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?”
Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Abangani BakaJobe Bafika Kuye
11Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama. 12Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu. 13Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.