Ukuphela Kwenkulumo KaJobe
1“Umoya wami wephukile,
imihla yami iyaphela,
sengibhekene negodi.
2Impela kukhona abangiklolodelayo eduze kwami,
neso lami lihleli ekungichukuluzeni kwabo.
3Ake unginike isibambiso, ungimele,
ngubani oyokwenza isivumelwano nami na?
4Ngokuba uzivalile izingqondo zabo,
ukuze zingaqondi,
ngakho-ke awuyukubaphakamisa.
5Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo;
amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6Ungenze isiga ebantwini,
nokhafulelwa ebusweni.
7Iso lami lifiphele ngenxa yosizi,
wonke amalungu ami anjengethunzi.
8Abaqotho badumele ngalokhu,
ukuthi ongenacala uvukela ongenabunkulunkulu.
9Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe,
onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
10Kepha nina buyani manje ngothi lwenu,
nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu.
11Izinsuku zami seziphelile,
amasu ami asechithiwe,
nezifiso zenhliziyo yami.
12Ubusuku babenza imini,
bathi: ‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’
13Uma ngithemba
ukuthi indawo yabafileyo
iyindlu yami,
ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,
14ngibize ingcwaba
ngithi: ‘Ungubaba,’
nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’
15Liphi pho ithemba lami na?
Yebo, ithemba lami,
ngubani oyakulibona na?
16Ngabe liyokwehlela ezinsikeni zendawo yabafileyo,
sehle kanyekanye,
siyophumula othulini na?”