Inkulumo KaJobe Isaqhubeka
1“Bheka, iso lami likubone konke,
nendlebe yami yezwa, yaqonda.
2Enikwaziyo nami ngiyakwazi,
aningedluli ngalutho.
3Kepha ngizokhuluma kuSomandla,
ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.
4Kepha nina ningababheci ngamanga,
nonke niyizinyanga ezingathi shu.
5Sengathi impela ningawuhlaba inhlali,
lokho kuyoba ngukuhlakanipha kini.
6Ake nilalele ukuqagulisana kwami,
nizwe isikhalo sezindebe zami.
7Niyokhuluma okubi yini ngoNkulunkulu,
niyokhuluma inkohliso ngaye na?
8Niyobuvuna yini ubuso bakhe,
nimmele uNkulunkulu na?
9Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na?
Ningamkhohlisa yini
njengalokhu kukhohliswa umuntu na?
10Impela uyakunisola
uma niyokwenzelela ngasese.
11Ubukhosi bakhe abuyukunethusa yini,
nokwesabisa kwakhe kwehlele kini na?
12Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha,
nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba.
13“Thulani, ukuze ngikhulume,
noma ngabe ngehlelwa yini
akusho lutho lokho.
14Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni,
ngibeka impilo yami ezandleni zami na?
15Uzongibulala,
angisenathemba,
ngizozivikela izindlela zami,
ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.
16Lokhu kuyakuba yinsindiso yami,
ukuthi ongenaNkulunkulu
akayukuza phambi kwakhe.
17Lalelisisani amazwi ami,
nengikushoyo kungene ezindlebeni zenu.
18Bhekani-ke, sengizilungiselele
ukwethula udaba lwami,
futhi ngiyazi ukuthi icala lizongithetha.
19Ngubani ozophikisana nami na?
Ngokuba uma kunjalo
ngizozithulela ngize ngife.
20Zimbili kuphela izinto
engicela ungenzele zona,
ukuze ngingabucasheli ubuso bakho:
21dedisela kude nami isandla sakho,
ukwesabeka kwakho kungangethusi.
22Khuluma, ngizophendula,
noma mangikhulume,
Wena ungiphendule.
23Zingakanani iziphambeko zami
nezono zami na?
Ngazise izeqo zami nezono zami.
24Ubufihleleni ubuso bakho,
ushaye sengathi ngiyisitha sakho na?
25Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo,
uxoshe inkunkuma eyomileyo na?
26Ngokuba ubhala izinto ezibuhlungu ngami,
ungijezisela iziphambeko zasebusheni bami.
27Izinyawo zami uzichome ezingongolweni,
waziqaphela zonke izindlela zami,
wamisa umkhawulo ematheni ezinyawo zami.
28Ngiyaphela njengobolayo,
nanjengengubo edliwa ngubuvunya.”