Umkhuleko KaJudithi
1UJudithi walala ngesisu wathu cu, wazihuqa ngomlotha ekhanda lakhe, wakhumula izambatho zamasaka ayezigqokile, kwakungesikhathi okwakunikelwa ngaso impepho yakusihlwa endlini kaNkulunkulu eJerusalema, wakhala eNkosini ngezwi elikhulu, wathi: 2“Awu! Nkosi Nkulunkulu kakhokho wami uSimeyoni, owanikeza isandla sakhe inkemba ukuba abulale labo ababevule isizalo setshitshi ukuze balinukubeze, bahlubula baveza amathanga alo ukuze balithele ngehlazo, futhi bangcolise isizalo salo; ngokuba wawuthe, lokhu makungenziwa, nokho bakwenza, 3ngenxa yalokho wanikela ababusi babo ukuba babulawe, nokuba umbhede wabo owawuhlazekile ngenxa yobubi babo ungcoliswe yigazi, wacekela phansi izisebenzi kanye nababusi bazo, kanjalo nababusi ezihlalweni zabo.”
4“Wanikela ngabafazi babo njengempango namadodakazi abo ukuba athunjwe, nempango yabo yonke ukuba yahlukaniswe phakathi kwamadodana athandekayo kuwe, ayesha ngentshisekelo yakho futhi ekuzonda ukungcoliswa kwegazi lawo, futhi abiza wena ecela usizo. Awu! Nkulunkulu, Nkulunkulu wami ngizwe nami engingumfelokazi. 5Ngokuba wenzile lezi zinto, nalezo ezanduleleyo nalezo ezizayo futhi uzihlelile izinto ezizokwenzeka nalezo ezenzeka manje. Lokho owawukuhlosile emqondweni wakho ukuthi kuzakwenzeka, kwenzekile. 6Izinto owazihlela zizilethe zona ngokwazo zathi: ‘Nakhu sesilapha!’ Ngokuba zonke izindlela zakho zilungiswe ngaphambili, nokwahlulela kwakho ukucabange kungakenzeki.
7“Ngokuba bheka ama-Asiriya, impi enkulukazi, azigqaja ngamahhashi nangabagibeli bawo, azikhukhumeza ngamandla amabutho awo ahamba ngezinyawo, futhi athembele ezihlangwini, emikhontweni, nasezindwayimaneni zawo, awazi ukuthi uyiNkosi ecoboshisa izimpi. 8UnguSimakade igama lakho. Hlakaza amandla abo ngamandla akho, ucekele phansi amandla abo ngolaka lwakho, ngokuba bahlose ukungcolisa indawo yakho engcwele kanye nethabanakele lapho kuhlala khona igama lakho elikhazimulayo, nokwephula izimpondo ze-althare lakho ngenkemba. 9Bheka ukuzigqaja kwabo, uthumele ulaka lwakho phezu kwamakhanda abo. Nikela esandleni sami mina mfelokazi, amandla okufeza engikuhlosile.
10“Dicilela phansi ngenkohliso yezindebe zami isisebenzi nenkosi yaso, kanye nenkosi nesisebenzi sayo; fihliza impakamo yabo ngesandla sowesifazane. 11Ngokuba amandla akho awencikile ebuningini, nasemadodeni anamandla kodwa wena unguNkulunkulu wabathotshisiwe, uMsizi wabacindezelweyo, uMvikeli wababuthakathaka, nabakhathazekile, noMsindisi wabangenathemba. 12Kunjalo!, kunjalo impela! Nkulunkulu wawo baba, noNkulunkulu wefa lika-Israyeli, Nkosi yezulu nomhlaba, Mdali wamanzi, Nkosi yendalo yonke, yizwa umkhuleko wami! 13Yenza ukuba amazwi ami ayinkohliso alethe ukuhlukumezeka nemivimbo kulabo abaceba izinto ezimbi ngesizwe onesivumelwano naso, ngendlu yakho engcwele, ngentaba iZiyoni, nangomuzi ongowabantwana bakho. 14Masazi siqondisise isizwe sakho nemindeni yonke ukuthi wena unguNkulunkulu uSomandla, nokuthi akekho omunye ovikela u-Israyeli ngaphandle kwakho.”