UJudithi 3
Izithunywa Zokuthula Ziya KuNebukhadinezari
1Ngakho-ke bathumela kuye izithunywa namazwi okuthula zathi: 2“Bheka, thina zisebenzi zenkosi enkulu uNebukhadinezari, sizendlala phansi phambi kwakho. Yenza kithi njengokwentando yakho. 3Bona, zonke izakhiwo zethu, nezwe lethu, namasimu ethu kanye nemihlambi yethu yezinkomo neyezimvu kuluyaca phambi kwakho; kanjalo nezindawo zethu zokuhlala ziphambi kobuso bakho yenza ngakho konke okuthandayo. 4Imizi yethu kanye nabahlala kuyo bayizinceku zakho; woza wenze kithi njengokuba ubona kufanele emehlweni akho.”
5Amadoda eza kuHolofernesi amazisa wonke la mazwi. 6Wayesehlela ngasogwini lolwandle nempi yakhe wagoba amadlangala emizini yabo evikelekile, wayesethatha phakathi kwabo amadoda akhethekile ukuba abambisane nabo. 7Laba bantu nabo bonke abakhelene nabo bakhombisa ukumemukela ngokumgaxa umgexo, ngokusina nokushaya izinsimbi ezikhencezayo. 8Noma kunjalo wachitha zonke izifunda zabo wacekela phansi nezindawo zabo eziphakemeyo nama-althare azo, wanquma imithi yabo engcwele; ngokuba wayeyaliwe ukuba achithe bonke onkulunkulu balelo lizwe, ukuze zonke izizwe zikhonze uNebukhadinezari yedwa, nokuba zonke izilimi nezizwe zikhuleke kuye njengonkulunkulu. 9Wayesehlela e-Esdrayeloni, eduze kwaseDothani, elibhekene nonqenqema olukhulu lwezintaba zaseJudiya; 10wagoba amadlangala phakathi kwamadolobha aseGeba naseSkuthoni, wahlala inyanga yonke ukuze aqoqe konke akudingayo kwempi yakhe.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.