Kuhle Baqhubeke Ekwazini Kokukholwa; Ukusilela Kulokho Kunengozi
1Ngakho-ke masedlule emfundisweni yokuqala ngoKhristu, siqhubekele phambili kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, 2nemfundiso ngombhabhadiso, ngokubeka izandla, ukuvuka kwabafileyo, nokwehlulelwa okuphakade. 3Lokho siyakukwenza uma uNkulunkulu evuma.
4Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, 5banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo; 6akunakwenzeka ukuba bathi sebehlubukile, bayibethela bona uqobo iNdodana kaNkulunkulu, ukuba babuye futhi baphenduke, lokhu bayithele ngehlazo obala.
7Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu. 8Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.
9Kepha bathandekayo, noma sikhuluma kanje, sineqholo lokuthi ninakho okungcono okuqondene nensindiso. 10Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.
11Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni; 12ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
Isithembiso SikaNkulunkulu Esiqinisekileyo
13Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga, 14wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.”
15Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo.
16Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise. 17Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo, 18ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu. 19Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, 20lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.