Ukubhubhisa Kukazamcolo
Ukufika Kukazamcolo
1USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane. 2Thatha amabhanqa ayisikhombisa azo zonke izilwane ezihlanzekile, iduna nensikazi, nakulezo ezingahlanzekile uthathe ngazimbili, iduna nensikazi. 3Uthathe kulo lonke uhlobo lwezinyoni zezulu zibe ngamabhanqa ayisikhombisa: iduna nensikazi, ukuze kulondolozeke izinhlobo zazo emhlabeni wonke. 4Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”
5UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile. 6UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni.
7UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo. 8Izilwane nazo zangena ngazimbili kwezihlanzekile nezingahlanzekile, nezinyoni ngokunjalo, nezilwane zonke ezihuquzelayo emhlabeni, 9zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye. 10Uzamcolo waqala emhlabeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa.
11Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu. 12Lana emhlabeni imini nobusuku izinsuku ezingama-40. 13Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini. 14Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko. 15Kwangena emkhunjini kaNowa ngakubili konke okuphefumulayo, 16njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango.
17Laqhubeka layithela imvula izinsuku ezingama-40, akhula amanzi, awuntantisa umkhumbi phezu komhlaba. 18Amanzi akhula anda emhlabeni; umkhumbi wantanta phezu kwamanzi. 19Amanzi anda kakhulu emhlabeni aze asibekela zonke iziqongo zezintaba ezinde. 20Anda kakhulu aze azisibekela ngamakhubhithi ayishumi nanhlanu iziqongo zezintaba.
21Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu. 22Konke okuphefumulayo okwakusezweni, kwafa. 23UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini. 24Amanzi anda emhlabeni kwaze kwaphela izinsuku eziyi-150.