Ukuganwa Kuka-Isaka
1U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke. 2U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami. 3Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo. 4Kepha uyokuya kwelakithi ezihlotsheni zami, ufike uyithathele khona umfazi indodana yami u-Isaka.”
5Inceku yathi kuye: “Mhlawumbe lowo wesifazane angathandi ukubuya nami eze lapha kuleli lizwe. Uma kunjalo-ke, indodana yakho ngiyithathe yini ngiyiyise ezweni owavela kulo na?”
6U-Abhrahama wathi kuyo: “Uze ungalokothi ubuyisele indodana yami lapho. 7USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho. 8Uma owesifazane lowo engathandi ukubuya nawe, uyobe ukhululekile kulesi sifungo engikufungise sona. Inqobo nje uma ungayibuyiselanga lapho indodana yami.”
9Ngakho-ke inceku yafaka isandla sayo phansi kwethanga lika-Abhrahama umniniyo, yafunga yagomela ngalolo daba. 10Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori. 11Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi. 12Yayisithandaza, ithi: “Simakade, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama. Ngicela ukuba ungiphe impumelelo namhlanje, uyenzele isihawu inkosi yami u-Abhrahama. 13Ngimi lapha ngasemthonjeni, izintombi zendawo ziyeza zizokukha amanzi. 14Sengathi intombi engiyokuthi kuyo: ‘Ngicela uke uyethule imbiza yakho, ungiphuzise,’ iphendule ithi: ‘Phuza, futhi ngizowaphuzisa namakameli akho,’ kungaba yileyo oyimisele inceku yakho u-Isaka. Ngalokho ngiyoqiniseka ukuthi uyenzele isihawu inkosi yami.”
15Ithe ingakaqedi ukuthandaza, kwafika uRibheka etshethe imbiza, wayezalwa nguBhethuweli indodana kaMilkha, umkaNahori, umfowabo ka-Abhrahama. 16 Wayenguzime, isiphalaphala sentombi eyayingakaze ithintwe yindoda. Wehlela emthonjeni, wagcwalisa imbiza, wayesekhuphuka. 17Inceku yagijima yamhlangabeza, yathi kuye: “Ngicela ungiphuzise ithamo lamanzi embizeni yakho.”
18Wayesethi: “Phuza nkosi yami.”
Wayethula imbiza, wayinika inceku ukuze iphuze.
19Eseyiphuzisile, wathi: “Namakameli akho nawo ngizowaphuzisa aze adele.”
20Wathulula imbiza masinyane, wagijima ephindelela ethutha amanzi emthonjeni ewathela emkhombeni, aze adela wonke amakameli. 21Indoda yayimile, ithule, imgqolozele, ifuna ukuqiniseka ukuthi ngabe uSimakade ulwenze uhambo lwayo lwaba yimpumelelo yini na? 22Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, 23yathi: “Ngitshele ukuthi uyindodakazi kabani na? Ikhona yini indawo endlini kayihlo engingaphumula kuyo kulobu busuku na?”
24Waphendula wathi kuyo: “Ngiyindodakazi kaBhethuweli, indodana kaMilkha, ayizalela uNahori.”
25Waqhubeka wathi: “Sinotshani nefolishi eliningi ekhaya, nendawo yokulala.”
26Indoda yakhothama yamdumisa uSimakade uNkulunkulu, 27yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”
28URibheka wagijima wayotshela abendlu kanina ngalezo zinto. 29URibheka wayenomfowabo ogama lakhe kunguLabani; uLabani wagijima waya kuleyo ndoda eyayisemthonjeni. 30Kwathi ukuba abone indandatho ekhaleni, namasongo ezingalweni zikadadewabo, futhi esekuzwile okushiwo ngudadewabo uRibheka, ethi: “Ikhulume kanjalo indoda kimi,” waya kuleyo ndoda eyayimi eduze kwamakameli ngasemthonjeni. 31Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”
32Ngakho-ke indoda yangena endlini, uLabani wawethula imithwalo amakameli, wayesewaphakela utshani nefolishi. Indoda namadoda ayeyiphelezela babanika amanzi okugeza izinyawo. 33Base beyilethela okuya ngasethunjini, kodwa yathi: “Angizukudla ngize nginilandise indaba yami.”
Wathi uLabani: “Silandise.”
Inceku Ka-Abhrahama Iyazethula
34Ngakho-ke yathi: “Ngiyinceku ka-Abhrahama. 35USimakade uyibusisile kakhulu inkosi yami, iyisigwili. Uyiphe izimvu, izinkomo, isiliva, igolide, izinceku, nezincekukazi, amakameli nezimbongolo. 36USara inkosikazi yenkosi yami yamzalela indlalifa esemdala, futhi uyinike konke anakho. 37Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Uze ungayithatheli indodana yami umfazi ezintombini zamaKhanani engiphila ezweni lawo, 38kodwa yana kwelakithi ezihlotsheni zami, uyithathele khona umfazi, indodana yami.’
39“Ngathi enkosini yami: ‘Mhlawumbe lowo wesifazane ngeke athande ukubuya nami.’
40“Yathi: ‘USimakade engiphila phambi kwakhe, uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, enze indlela yakho ibe yimpumelelo. Wena uzakutholela indodana yami umfazi kwelakithi nasezihlotsheni zami. 41Uma ufika ezihlotsheni zami bese ziyenqaba ukukuganisela, uyobe usukhululekile esifungweni engikufungise sona.’
42“Ngifike namuhla emthonjeni, ngase ngithi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, yenza manje ukuba uhambo lwami lube yimpumelelo. 43Ngimi lapha ngasemthonjeni, sengathi intombi efika ukuzokha amanzi engiyakuthi kuyo: “Ake ungiphuzise ithamo lamanzi embizeni yakho,” 44bese ithi: “Phuza, futhi ngizokukha amanzi ngiwaphuzise namakameli akho,” kungaba yileyo ntombi uSimakade ayimisele indodana yenkosi yami.’ 45Ngingakaqedi ukuthandaza ngizindla enhliziyweni yami, kwathi memfu uRibheka etshethe imbiza, wehlela emthonjeni, wakha amanzi. Ngathi kuye: ‘Ngicela ungiphuzise.’
46“Wayethula imbiza ngokushesha, wathi: ‘Phuza; ngizakuwaphuzisa namakameli akho.’ Ngase ngiphuza-ke; wawaphuzisa amakameli. 47Ngambuza ngathi: ‘Uyindodakazi kabani na?’
“Wathi: ‘Ngiyindodakazi kaBhethuweli ozalwa nguNahori kuMilkha.’
“Ngakho-ke ngamfaka icici ekhaleni namabhengele ezihlakaleni zakhe. 48Ngakhothama, ngamdumisa uSimakade, ngimbonga uSimakade uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongiholile endleleni okuyiyona ngaze ngathola indodakazi yezihlobo zenkosi yami, ukuba ibe ngumfazi wendodana yayo. 49Manje-ke ngicaciseleni ukuthi nizoyiphatha ngokwethembeka nangeqiniso yini inkosi yami, uma kungenjalo ngitsheleni, ukuze ngazi ukuthi ngenzenjani.”
50ULabani noBhethuweli baphendula, bathi: “Le ndaba ivela kuSimakade, ngeke thina sakwazi ukusho noma yini. 51Bheka, nangu uRibheka phambi kwakho. Mthathe uhambe naye, abe ngumfazi wendodana yenkosi yakho, njengoba ekhulumile uSimakade.”
52Yathi ukuba inceku ka-Abhrahama iwezwe amazwi abo, yakhothama phambi kukaSimakade ubuso bayo buthinta emhlabathini. 53Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu. 54Emveni kwalokho inceku nalabo eyayihamba nabo, badla, baphuza, base belala.
Sebevukile ekuseni, inceku yathi: “Ngicela indlela ukuze ngiphindele enkosini yami.”
55Umnewabo nonina bathi: “Ake uyivumele intombazane ihlale nathi okwesikhashana, okungenani izinsuku eziyishumi, bese niyahamba.”
56Yathi kubo: “Ningangibambezeli, njengoba uSimakade eluphumelelisile uhambo lwami, ngivumeleni ngihambe ngiphindele enkosini yami.”
57Base bethi: “Sizoyibiza intombazane sizwe ukuthi ithini.”
58Bambiza uRibheka bathi kuye: “Uzohamba yini nalo muntu na?”
Wathi: “Ngizohamba.”
59Ngakho-ke bamvumela udadewabo uRibheka, nempelesi yakhe, bahamba nenceku ka-Abhrahama, nabantu bayo. 60Bambusisa uRibheka bathi:
“Dadewethu,
sengathi ungakhula ube ngukhokho wezizukulwane
eziyizinkulungwane zezigidi,
izizukulwane zakho
zinqobe amasango ezitha zazo.”
61URibheka ekhashwa yizimpelesi zakhe basukuma, bagibela amakameli, balandela inceku. Inceku yamthatha kanjalo uRibheka, yabamba indlela.
URibheka Uhlangana No-Isaka
62U-Isaka wabuya ngaseBheri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni eliseNingizimu. 63Sekuhwalala u-Isaka waphuma wazulazula ensimini yakhe ezindla. Kuthe lapho ephakamisa amehlo, wabona amakameli eza. 64URibheka waphakamisa amehlo, kwathi lapho embona u-Isaka, wehla ngokushesha ekamelini. 65Wathi encekwini: “Ngubani lo muntu ohamba laphaya ensimini ozosihlangabeza na?”
Inceku yathi: “Yinkosi yami.”
URibheka wathatha imvakazi, wazemboza ngayo.
66Inceku yamlandisa u-Isaka ngakho konke ekwenzileyo. 67U-Isaka wamngenisa uRibheka ethendeni likanina uSara. Wamthatha uRibheka waba ngumkakhe, wamthanda, waduduzeka selokhu kwabhubha unina.