Izizukulwane Zamadodana KaNowa
1Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.
Amadodana KaJafethi
2Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi. 3Amadodana kaGomeri kwakungu-Ashikenazi, uRifathi, noThogama. 4Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi. 5Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Amadodana KaHamu
6Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani. 7Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.
8UKhushe wazala uNimrodi, iqhawe lokuqala emhlabeni. 9Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”
10Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari. 11Wasuka kulelo lizwe walibangisa e-Asiriya lapho afike akha khona iNinive, iRehobhothi Iri, iKhala, 12neReseni umuzi omkhulu ophakathi kweNinive neKhala.
13UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabi, amaNafethuhi, 14amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.
15UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi, 16nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi, 17amaHivi, ama-Akhi, amaSini, 18ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe, 19imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
20Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo: 21uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
Amadodana KaShemu
22Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu. 23Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uzi, uHulu, uGetheri, noMashe. 24U-Arifaksadi wazala uShela, uShela wazala u-Ebhere. 25U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani. 26UJokithani wazala u-Alimodadi, uShelefu, uHazamavete, uJera, 27uHadoramu, u-Uzali, uDikila, 28u-Obhali, u-Abhimayeli, uShebha, 29u-Ofiri, uHavila noJobhabhu. Bonke laba babengamadodana kaJokithani. 30Indawo ababakhe kuyo yayisuka eMesha ize ifike eSefari, kwelezintaba empumalanga. 31Yilawo-ke amadodana kaShemu ngokwemindeni nangezilimi zawo, ezifundeni zawo nangokwezizwe zawo.
32Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.