Ukufika Kuka-Ezra EJerusalema
1Emveni kwalokho, ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha ePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, ka-Azariya kaHilikiya, 2kaShalumi, kaZadoki, ka-Ahithubi, 3ka-Amariya, kaMerayothi, 4kaZeraya, ka-Uzi, kaBhuki, 5ka-Abhishuwa, kaFinehasi, ka-Eleyazari, ka-Aroni, umphristi omkhulu, 6lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye. 7U-Ezra waphuma eBhabhele ngonyaka wesikhombisa wokubusa kuka-Arithahishashitha, waya eJerusalema nabanye bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango nezisebenzi zasethempelini.
8Bafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwenkosi. 9Baphuma eBhabhele ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu, bafika eJerusalema, ngokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wakhe sasinaye, 10ngokuba inhliziyo ka-Ezra yayigxile ekufundeni umthetho kaSimakade, nokuwenza, nokufundisa izimiso nemithetho kwa-Israyeli.
Ifuzela Lencwadi U-Arithahishashitha Alinika U-Ezra
11Leli yifuzela lencwadi inkosi u-Arithahishasitha alinika u-Ezra, umphristi, umbhali, owayengumbhali wemithetho nezimiso zikaSimakade ku-Israyeli, ethi:
12“U-Arithahishasitha, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu: ukuthula.
13“Ngishaya umthetho othi: noma yimuphi umuntu wakwa-Israyeli, noma abaphristi bakhona, noma abaLevi abasembusweni wami abathanda ukuya eJerusalema, bangahamba nawe. 14Ngokuba uthunywa yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa, ukuba niyobheka ukuthi kuhamba kanjani kwaJuda naseJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wenu osesandleni sakho, 15nokuhambisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli, ondlu yakhe iseJerusalema; 16nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema. 17Niyisebenzise ngokucophelela leyo mali, nithenge izinkunzi, izinqama, amawundlu, iminikelo yokusanhlamvu neminikelo yokuphuzwayo, nikunikele e-althare endlini kaNkulunkulu wenu eJerusalema.
18“Wena nabafowenu, lokho enikubona kufanele ukuba nikwenze ngesiliva nangegolide elisalileyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu. 19Izitsha ozinikiwe ukuba zisetshenziselwe inkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, uyakuzibuyisela kuNkulunkulu wakho eJerusalema. 20Noma yini enye edingekayo endlini kaNkulunkulu wakho okufanele niyihlinzeke ngokwenu, ithatheni engcebeni yenkosi.
21“Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu, 22kuze kufike ekhulwini lamathalenta esiliva, nekhulu lamakhora kakolo, amabhathi ayikhulu ewayini, amabhathi alikhulu amafutha, nosawoti ongenakubalwa. 23Konke okuyalwe nguNkulunkulu wasezulwini makwenziwe ngesineke, kwenzelwa indlu kaNkulunkulu wasezulwini, funa intukuthelo kaNkulunkulu yehlele inkosi namadodana ayo. 24Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.
25“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe. 26Bonke abangawulaleli umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, kumele bajeziswe ngokubafaneleyo, kungaba ngokufa noma ngokudingiswa, noma ngokudlelwa impahla noma ngokuboshwa.”
U-Ezra Udumisa UNkulunkulu
27Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela, 28ongenzele umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo, naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezingamaqhawe. Ngaba nesibindi ngoba isandla seNkosi uSimakade sasinami, ngaqoqa abaholi kwa-Israyeli ukuba benyuke nami.