UHezekeli 42
Izakhiwo Ezimbili
1Wayesengikhipha egcekeni elingaphandle elingasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, eliqondene nesakhiwo esingasenyakatho, 2ohlangothini olude, ubude balo babungamakhubhithi ayikhulu, umnyango walo ungasenyakatho. Ububanzi bawo babungamakhubhithi ayisihlanu. 3Ngakolunye uhlangothi kwakungamakhubhithi angama-20, ayezungeze igceke elingaphakathi, kuthi maqondana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kube khona umpheme oqondene nemipheme eyelakanyene kathathu. 4Kwakukhona umhubhe phambi kwamakamelo, ububanzi bawo bungamakhubhithi alishumi ngaphakathi, ubude bawo buyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho. 5Amakamelo aphezulu ayemafishane, ngokuba imipheme yayithathe indawo enkulu kuwo kunaleyo eyayikweyangaphansi neyayiphakathi esakhiweni. 6Ayengenazo izinsika ezazifana nezinsika zamagceke, njengoba wona ayelakanyene kathathu; lawo ayengaphezulu ayemancane kunalawo ayengaphansi naphakathi kusukela emhlabathini. 7Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle lwalungamakhubhithi angama-50. 8Nakuba amakamelo ayesegcekeni elingaphandle, ubude bawo babungamakhubhithi angama-50, kodwa phambi kwethempeli kwakungamakhubhithi ayikhulu. 9Kusukela phansi kwalawo makamelo, kwakukhona indawo yokungena ngasempumalanga, lapho kwakungenwa khona uma uvela egcekeni elingaphandle.
10Lapho ugange lwegceke lwalubanzi khona ngasempumalanga, phambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo; nalapho kwakukhona amakamelo. 11Indlela eyayiphambi kwawo yayifana neyamakamelo ayengasenyakatho, ububanzi bufana nobude; kanjalo nezindawo zawo zokuphuma neminyango yazo. 12Njengeminyango yamakamelo ayeseningizimu, kwakukhona umnyango ekuqaleni kwendlela, indlela yayiqondene nogange ngasempumalanga, lapho kungenwa kuwo.
13Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele. 14Kuyakuthi lapho abaphristi sebengenile, bangaphumeli endaweni engcwele ukuba baye egcekeni elingaphandle, bengakazibeki lapho izembatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba zingcwele. Bayakwembatha ezinye izingubo, bese besondela kulokho okungokwabantu.”
15Kwathi lapho eseqedile ukulinganisa indlu engaphakathi, wangikhipha ngendlela yesango elalingasempumalanga, walinganisa nxazonke. 16Walulinganisa uhlangothi lwasempumalanga ngohlanga lokulinganisa: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga gimbici. 17Walulinganisa uhlangothi lwasenyakatho: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga nxazonke. 18Walulinganisa nohlangothi lwaseningizimu: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga lokulinganisa. 19Wayesephendukela ohlangothini olungasentshonalanga walulinganisa: kwaba yizinhlanga ezingama-500 uma sekulinganiswe ngohlanga lokulinganisa. 20Wayilinganisa ezinhlangothini zozine. Yayinogange oluyizungeze gimbici, ubude balo babungamakhubhithi angama-500 kanjalo nobubanzi balo, ukuba kwehlukaniswe phakathi kokungcwele nokungengcwele.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.