Ukudabuka KukaMoridekhayi
1UMoridekhayi esekwazi konke okwenziweyo, waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu nokumunyu: “Isizwe esimsulwa nesilungile siyabhujiswa.”
2Waya wema ngaphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yesaka eqholwe nangomlotha. 3Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona isimemezelo senkosi, kwaba khona isililo esikhulu phakathi kwabaJuda, bembatha ezamasaka baziqhola ngomlotha.
U-Esteri Ubikelwa Lolu Daba. Impendulo Yakhe
4Izincekukazi zendlovukazi nezinduna ezingabathenwa zaya zayibikela indlovukazi, yezwa ubuhlungu obukhulu lapho izwa lolu daba; yathumela inxusa ukuba uMoridekhayi embathe, kepha akakwamukelanga lokho. 5U-Esteri wayesebiza uHakhrathayewusi induna engumthenwa eyayimisiwe ukuba imkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekhayi, ukuze azi ngokusobala ukuthi kwenzenjani na?
6UHakhrathayewusi wayesehamba, waya kuMoridekhayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi. 7UMoridekhayi wamtshela konke okubehleleyo nenani lemali uHamani alethembisile ukulikhokha esikhwameni senkosi ukuze kubhujiswe abaJuda. 8Wamnika nekhophi yalokho okwakumenyezelwe eShushani kokuba babhujiswe, ukuze ayikhombise u-Esteri, wamtshela ukuba atshele indlovukazi ukuba ingene enkosini ukunxusa, nokucelela abantu bakhe umusa phambi kwayo. Wamtshela nokuba amkhumbuze ngezinsuku esephansi eyingane engaphansi kwesandla sakhe ngenxa yokuba uHamani ongowesibili emuva kwenkosi ukhulume kabi ngathi ukuze sibulawe. Khuleka kuSimakade bese usinxusela enkosini ukuze siphephe ekubhujisweni.
9Wafika uHakhrathayewusi, wamtshela wonke lawo mazwi. 10Wayesethi u-Esteri kuHakhrathayewusi: “Hamba uye kuMoridekhayi ufike umtshele ukuthi: 11‘Zonke izizwe zenkosi ziyazi ukuthi akukho muntu ongena egcekeni elingaphakathi esigodlweni engabizwanga, uyabulawa, ngaphandle kwalowo inkosi eyelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.’ ”
12Wamtshela uMoridekhayi amazwi ka-Esteri. 13UMoridekhayi wayesethi kuHakhrathayewusi: “Hamba uthi: ‘Esteri ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda wedwa endlini yenkosi kunabaJuda bonke. 14Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, kodwa wena nendlu kayihlo niyakubhubha. Ngubani owaziyo, noma wabekelwa sona lesi sikhathi ukuba ube yindlovukazi na?’ ”
15U-Esteri wayemthuma ukuba abuyisele impendulo kuMoridekhayi yokuthi: 16“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo, bese ngingena enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”
17Wayesehamba uMoridekhayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.
ISENGEZO C
17aUMoridekhayi wakhuleka kuSimakade eyincenga ukuba ikhumbule yonke imisebenzi yayo, wathi:
17b“Wena Nkosi, uyiNkosi
ebusa phezu kwakho konke,
ngokuba konke kusemandleni akho
futhi akekho ongaphikisana nawe,
uma kuyintando yakho
ukumhlenga u-Israyeli,
17cngokuba wenzile izulu nomhlaba
nakho konke okumangalisayo
ngaphansi kwezulu.
UyiNkosi yakho konke
futhi akekho ongaphikisana nawe, Nkosi.
17dWena Nkosi wazi konke,
uyazi ukuthi kwakungengenxa
yokuba nginenkani
noma ngiziphakamisa
noma ngifuna udumo
ukuba ngenze lokhu,
ngenqabe ukukhothamela uHamani
ozithwele kangaka,
ngokuba ngangingamqabula
ngisho izinyawo
ukuze ngihlenge u-Israyeli!
17eKepha ngakwenza lokhu
ukuze ngingaphakamisa
udumo lomuntu
phezu kodumo lukaNkulunkulu,
anginakukhothamela
omunye umuntu
ngaphandle kwakho,
Wena oyiNkosi yami,
futhi anginakuzenza
lezi zinto ngempakamo.
17f“Manje-ke Nkosi Nkulunkulu,
Nkulunkulu ka-Abhrahama,
sindisa abantu bakho,
ngokuba basibhekile
ukubona sibhujiswa,
futhi bafisa ukuqeda
ifa eselokhu laba ngelakho
kusukela kwasekuqaleni.
17gUngasiyekeli isabelo sakho,
owazihlengela sona
ezweni iGibhithe.
17hWuzwe umkhuleko wami,
ube nomusa efeni lakho,
uphendule ukulila kwethu
kube yidili,
ukuze siphile sihubele igama lakho
izindumiso Nkosi,
Nkosi ungazibhubhisi izindebe
zalabo abakudumisayo.”
17iWonke u-Israyeli wakhala kakhulu, ngokuba ukufa kwabo kwase kufikile kuphambi kwamehlo abo.
Umkhuleko Ka-Esteri 14
17kIndlovukazi u-Esteri igcwele ukwesaba ukufa yabalekela kuSimakade. Yakhumula ingubo yayo yakwanokusho wagqoka izembatho zosizi nokulila, kwathi esikhundleni samakha enani eliphakeme wahuqa ikhanda lakhe ngomlotha nangobulongwe, wawuthobisa ngokupheleleyo umzimba wakhe ayethanda kakhulu ukuwuhlobisa wayekela izinwele zakhe zaba mahlikihliki. Wakhuleka eNkosini uNkulunkulu ka-Israyeli wathi: 17l“Nkosi yami, wena wedwa uyiNkosi yethu. Ngisize mina engizithola ngingedwa ngingenamsizi ngaphandle kwakho, ngokuba ingozi yami isesandleni sami. 17mSelokhu ngazalwa ngizwile esizweni sakithi ukuthi nguwe Nkosi owathatha u-Israyeli phakathi kwezizwe, okhokho bethu phakathi kokhokho bazo, ukuba babe yifa lakho ingunaphakade, nokuthi wabenzela konke owawubethembise khona. 17nManje sonile phambi kwakho, waze wasinikela ezitheni zethu ngokuba sadumisa onkulunkulu bazo. Wena Nkosi ulungile! 17oKepha bona abenelisiwe noma sisebugqilini obunje futhi sebenze isivumelwano nonkulunkulu babo ukuze bacime lokho umlomo wakho okugcobile, nokuchitha ifa lakho, bathulise imilomo yalabo abakudumisayo baqede udumo lwendlu yakho kanye neminikelo yokushiswa e-althare lakho, 17pukuba bavule imilomo yezizwe ngendumiso eyize yezithombe nokuba ziphakamise inkosi ezokufa. 17qWena Nkosi ungayiyekeli intonga uyiyekele kokungasho lutho, ungabavumeli bathokoze ngokuwa kwethu; kodwa aguqule amacebo abo abhekane nabo, yenza isibonelo ngalowo okunguyena oqale lokhu. 17rKhumbula Nkosi, uzibonakalise ngalesi sikhathi sokuhlupheka kwethu, ungiphe isibindi, Nkosi yamakhosi noNgqongqoshe wemibuso yonke! 17sNgiphe ubuciko bokukhuluma emlonyeni wami ngiphambi kwengonyama, uphendule inhliziyo yayo ukuba izonde lo muntu olwa nathi, ukuze ashabalaliswe yena nalabo abamsekelayo. 17tKepha sikhulule ngesandla sakho, ungisize nami engingenamsizi ngaphandle kwakho Nkosi. 17uWena wazi zonke izinto, uyazi ukuthi ngiyaluzonda udumo lwababi futhi ngiyawuzonda umbhede wabangasokile nowanoma yimuphi ongowezizwe. 17wWena uyakwazi engikudingayo, ukuthi ngiyaluzonda uphawu lwesikhundla sami esiphakeme, oluhlala ekhanda lami ngezinsuku engivela ngazo emphakathini. Ngilwenyanya njengengubo engcolile futhi angilugqoki ngezinsuku lapho ngiziphumulele. 17xIncekukazi yakho ayizange idle etafuleni likaHamani, bengingakayi emicimbini yenkosi noma ngiphuze iwayini. 17yIncekukazi yakho ayikaze ibe nokuthokoza selokhu yangeniswa esigodlweni kuze kube manje, ngaphandle kokuthokoza kuwe, wena Nkosi Nkulunkulu ka-Abhrahama. 17zWena Nkosi, wena omandla akho aphezu konke, yizwa izwi lophelelwa yithemba, bese usisindisa ezandleni zababi. Ngikhulule nami ovalweni lwami.”
SIPHELA LAPHA ISENGEZO C.