Incwadi Yesehlukaniso
Indoda Ephinde Iganwe
1“Lapho umuntu ethatha umfazi, amgane, kodwa angabe esamthokozisa ngoba ethole kuye okuthile okwenyanyekayo, uyombhalela incwadi yesehlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, bese emkhipha endlini yakhe. 2Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda. 3Uma indoda yesibili ingasamthandi, iyombhalela incwadi yesehlukaniso, imnike yona esandleni, bese imkhipha endlini yayo, noma le ndoda yesibili ebimthathile waba ngumkayo ingafa, 4indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.
5“Uma umuntu esanda kuthatha umfazi, akayukuphuma aye empini, futhi akayukunikwa noma yimuphi umsebenzi; uyohlala ekhaya ekhululekile unyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.”
Umthetho Ngesibambiso
6“Akuyukuba bikho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba uyobe ethathe konke okuphilwa ngakho, kwaba yisibambiso.”
Umthetho Ngobanjwe Eduna Omunye Wabafowabo
7“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
8“Qaphela mayelana nesifo sochoko, uqaphelisise impela, wenze konke njengalokhu abaphristi abangabaLevi bezokufundisa. Uqaphele ukuba wenze njengalokhu ngibayalile. 9Khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho niphuma eGibhithe.
10“Uma utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyukungena endlini yakhe ukuyothatha utho lube yisibambiso sakhe. 11Uyokuma ngaphandle, bese umuntu omtshelekayo eletha kuwe isibambiso. 12Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokho okuyisibambiso sakhe, 13kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.
14“Awuyukuyicindezela inceku eqashiweyo, empofu nentulayo, noma ngabe ingumfowenu noma ingumfokazi osezweni lakini emzini wakho. 15 Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.
16“Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.
17“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso, 18kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.
19“Uma uvuna isivuno sakho ensimini, bese ukhohlwa yisithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukuyosilanda, kodwa masibe ngesomfokazi, intandane, nomfelokazi ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kuyo yonke imisebenzi yezandla zakho. 20Lapho ugxoba umnqumo wakho, ungabuyeli ugxobe amagatsha ngokwesibili, kepha lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi. 21Uma uvuna okwesivini sakho, awuyukukhothoza futhi, kodwa lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi. 22Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.”