USUSANA
1Kwakukhona indoda eyayihlala eBhabhiloni egama layo linguJowakhimi. 2Yena waganwa yindodakazi kaHilikhiya, ebizo layo nguSusana, enhle intokazi le futhi imesaba uSimakade. 3Abazali bakhe babengabantu abalungileyo, futhi beyiqeqeshile indodakazi yabo ngokomthetho kaMose. 4UJowakhimi wayecebe kakhulu, enengadi enhle exhumene nendlu yakhe; abajuda ayevame ukuza kuye ngoba wayehloniphekile kunabo bonke.
5Ngalowo nyaka kwakhethwa amadoda amabili ukuba abe ngabehluleli. INkosi yayithe ngabo: “Ububi bavela eBhabhiloni, ezikhulwini ezazingabehluleli, ababemelwe babuse abantu.”
6La madoda ayehlala njalo esendlini kaJowakhimi, nabo bonke ababefuna ukuba izindaba zabo zahlulelwe babeza endlini yakhe. 7Lapho abantu sebegodukile ngenhlazane, uSusana wayevame ukuya engadini yomyeni wakhe ukuba azihambele kuyo. 8Nsuku zonke izikhulu ezimbili zaziyaye zimbone, engena nalapho ehamba hamba, zaze zaqala ukumkhanuka. 9Bazama ukuhlala phezu konembeza babo badedisa amehlo abo ekubukeni okwasezulwini bakhohlwa umsebenzi wabo wokumisa ubulungisa. 10Bobabili bagajwa ukumkhanuka, kodwa abatshelananga okwakubahlupha, 11ngokuba babenamahloni ukwambula inkanuko nemfiso yabo ukuba bamhunge. 12Usuku nosuku babelindela ngokungakhathali, befisa ukumbona. 13Ngolunye usuku bathi omunye komunye: “Masihambe siye emakhaya, ngokuba sekuyisikhathi sokudla kwasemini.”
Ngakho-ke bobabili behlukana bahamba. 14Kepha yilowo waphenduka, baphinda bahlangana, lapho omunye ebuza omunye isizathu sokuba lapho, bavuma inkanuko yabo. Base behlela ndawonye isikhathi lapho bengamfumana uSusana eyedwa. 15Ngolunye usuku, belindele umzuzu ofanelekile, wangena njengokujwayelekile, ehamba nezisebenzi ezimbili, wafisa ukuba ageze engadini, ngokuba kwakushisa ngalolo lusuku. 16Kwakungekho muntu omunye ngaphandle kwalaba behluleli ababili, ababebhacile ukuze bambuke. 17Wathi ezisebenzini zakhe: “Ngiletheleni amafutha omqumo kanye nokokugcoba, bese nivala isango lengadi ukuze ngigeze ngokukhululeka.”
18Zenza njengokuyala kwakhe: zavala iminyango yengadi, zaphuma ngesango eliseceleni ukuze zilethe lokho eziyalwe ukuba zikulethe; azibabonanga abahluleli, ngokuba babecashile. 19Lapho izisebenzi seziphumile, abahluleli ababili basukuma banikela kuye, 20bathi: “Bheka, iminyango yengadi ivaliwe, futhi akukho ongasibona. Siyasha ukukukhanuka; ngakho-ke vuma, ulale nathi. 21Uma wala, siyakufakaza ukuthi insizwa encane ibinawe, futhi yileso isizathu sokuba uhambisile izisebenzi zakho.”
22USusana wabubula ngaphakathi wathi: “Ngisogibeni impela. Ngokuba uma ngenza lokhu, kuzosho ukufa kimi; uma ngingakwenzi, angikwazi ukuphunyuka ezandleni zenu. 23Ngakho-ke ngikhetha ukuba ngingakwenzi; Ngiyowela ezandleni zenu, kunokuba ngone phambi kukaNkulunkulu.”
24Ngakho-ke uSusana wakhala ngezwi elikhulu, kwathi abahluleli ababili bamkhuza ngesankahlu. 25Omunye wabo wagijima wavula isango. 26Lapho abantu endlini bezwa lo msindo wokumemeza, baphuthuma ngomnyango oseceleni ukubona ukuthi kwenzekani kuye. 27Lapho abahluleli ababili belanda indaba yabo, izisebenzi zaba namahloni amakhulu, ngokuba into enje yayingakaze ishiwo ngoSusana. Abehluleli bafakaza ngamanga ngoSusana. 28Ngosuku olulandelayo, lapho abantu sebebuthene endlini yomyeni wakhe uJowakhimi, abehluleli ababili bangena, begcwele icebo labo lokonakala lokuba benze uSusana abulawe. Bathi phambi kwabantu bonke: 29“Bizani uSusana indodakazi kaHilikhiya, umka Jowakhimi.”
30Ngakho-ke bathumela ukuba alandwe. Wangena nabazali bakhe, nezingane zakhe nazo zonke izihlobo zakhe. 31USusana kwakuyinkosikazi enhle nebukekayo. 32Lapho emboza ubuso bakhe, lezi gebengu zaphoqa ukuba embulwe, ukuze zidelise amehlo azo ngobuhle bakhe. 33Labo ababehamba naye nabo bonke ababembona babekhala. 34Base besukuma abahluleli ababili phambi kwabantu bonke babeka izandla zabo ekhanda lakhe. 35Ekhala wabheka ezulwini, ngokuba inhliziyo yakhe yayithembele eNkosini.
36Abahluleli bathi: “Lapho sihamba engadini, lo mfazi ungenile nezisebenzi zakhe ezimbili, wavala umnyango, wase ezikhulula izisebenzi zakhe. 37Kwase kuqhamuka insizwa ebibhace khona engadini, yeza yalala naye. 38Thina besisekhoneni lengadi, lapho sibubona lobu bubi, sigijimele kubo. 39Nakuba sibabone begonene, asikwazanga ukuyibamba le nsizwa, ngokuba ibinamandla kunathi, ivule iminyango yabaleka. 40Nokho simbambile lo wesifazane sambuza ukuthi ingubani le nsizwa; 41kodwa kafunanga ukusitshela. Ngakho-ke siyafakaza ngalezi zinto.”
Ngenxa yokuba babeyizikhulu futhi bengabehluleli, umbuthano wabakholwa wase umahlulela ukuba abulawe. 42USusana wase ekhala ngezwi elikhulu wathi: “Awu! Nkulunkulu ophakade, wazi okufihlakele futhi akukho okufihlakele kuwe ngaphambi kokuba kwenzeke; 43uyazi ukuthi la madoda anikeze ubufakazi obungamanga ngami. Manje sengizakufa, nakuba ngingenzanga nokukodwa kwalobu bubi engimangalelwe ngabo!”
44INkosi yakuzwa ukukhala kwakhe. 45Kwathi nje lapho sebemhola ukuba ayobulawa, uNkulunkulu wathinta ngoMoya oNgcwele insizwa encane eyayibizwa ngokuthi uDaniyeli, 46yamemeza ngezwi elikhulu: “Anginasabelo ekuchithweni kwegazi lalo wesifazane!”
47Bonke abantu baphendukela kuye babuza bathi: “Uthini?”
48Wama phakathi kwabo wathi: “Nizilima kangaka nina ba-Israyeli ukuba ninikele ekufeni indodakazi ka-Israyeli ngaphandle kokuhlolisiswa kwendaba nokuba nithole okuyiqiniso na? 49Buyelani esigcawini, ngokuba la madoda aqambe amanga ngalo wesifazane.”
50Ngakho-ke bonke abantu baphuthuma emuva. Abanye bezikhulu bathi kuye: “Woza uhlale phakathi kwethu ukuze usitshele, ngokuba uNkulunkulu ukunike ukwazi kwesikhulu.”
51UDaniyeli wathi kubo: “Behlukaniseni bangasondelani, bese ngibabuza imibuzo.”
52Lapho sebehlukene omunye nomunye, wabiza omunye wabo wathi kuye: “Wena luphawu lokonakala kwakudala, izono zakho zikufumene, ozenzileyo ngezikhathi ezidlule, 53ukhipha izahlulelo ezingalungile, unikela abangenacala, ukhulula abanamacala, nakuba iNkosi yayithe, ‘aninakunikela ekufeni umuntu olungile nongenacala.’ 54Shonini manje, uma nimbonile lo wesifazane ngitsheleni lokhu: Nibabone ngaphansi kwamuphi umuthi bewotawotana?”
Waphendula wathi: “Ngaphansi komuthi iMastiki.”
55UDaniyeli wathi: “Kuhle! La manga azakubiza ikhanda lakho, ngokuba ingelosi kaNkulunkulu yamukele isigwebo kuNkulunkulu futhi ngokushesha izakukutoka kabili.”
56Wabe esembeka eceleni, wayala ukuba kubizwe omunye, wathi kuye: “Wena nzalo kaKhanani hayi kaJuda, ubuhle bukuhehile nezinkanuko zadukisa inhliziyo yakho. 57Yiyona ndlela lena eniphethe ngayo abantwana bakwa-Israyeli, bona babesondelene nani ngenxa yokwesaba; kodwa indodakazi kaJuda ayikwazanga ukuhambisana nobubi benu. 58Manje, ake ungitshele: ‘Nibabone ngaphansi kwamuphi umuthi laba ababili begonene beqabulana na?’ ”
Waphendula wathi, “Ngaphansi komu-okhi oluhlaza.”
59UDaniyeli wathi kuye: “Kuhle kakhulu! La manga asekudonsele nawe kwankatha, ngokuba ingelosi kaNkulunkulu imile ngesinkemba ukuba ikuhlahlele ngaso ube zingcezu ezimbili, ize inibulale nobabili.”
60Umphakathi wonke waqala ukukhamuluka ubonga uNkulunkulu, osindisa labo abethembela kuye. 61Babajezisa laba behluleli ababili ngokuba uDaniyeli wayenze bazilahla bona ngemilomo yabo ukuthi babefakaze ngamanga; benza kubo njengobubi ababebucebile ukubenza kumakhelwane wabo. 62Belandela umthetho kaMose, babasa kwagoqanyawo. Ngaleyo ndlela lahlengeka igazi longenacala ngalolo lusuku. 63UHilikhiya nomkakhe bambonga uNkulunkulu ngendodakazi yabo uSusana, kanjalo nomyeni wakhe uJowakhimi nezihlobo zabo zonke, ngokuba wafumaniswa engenacala kulesi senzo esiyichilo. 64Kusukela ngalolo lusuku uDaniyeli waduma kakhulu phakathi kwabantu.