UPawula Ushumayela E-Ikhoniyu
1Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki. 2Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane. 3Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli. 5Kwase kuba khona imizamo ngabaJuda kanye nababusi yokuba babaphathe kabi nokubakhanda ngamatshe. 6Sebekwazi lokho, babalekela emizini eLikhawoniya, iListra, eDerbe nasezweni langakhona. 7Bashumayela ivangeli lapho.
UPawula Ushumayela EListra
8EListra kwakuhleli indoda eyayikhubazeke ngezinyawo; iyisishosha kwasesizalweni sikanina; ingakaze ihambe nakanye. 9Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile, 10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.”
Yagxuma, yahamba.
11Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.”
12UBharnabha bambiza ngokuthi nguZeyusi, uPawula bambiza ngoHermesi, ngokuba nguye yedwa owayehola ekukhulumeni. 13Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela.
14Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza, 15bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho, 16othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo. 17Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”
18Nangakho lokhu abakushoyo, kwaba nzima ukuyekisa izixuku ukuba zingabahlabeli.
UPawula Ushumayela E-Antiyokhiya
19Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile. 20Abafundi sebemngungile, wavuka wangena emzini. Ngakusasa wahamba noBharnabha, baya eDerbe.
21Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya, 22beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
23Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo. 24Basuka lapho badabula ePhisidiya, baya ePhamfiliya. 25Kwathi sebelikhulumile izwi ePherge, behlela e-Athaliya. 26Basuka lapho bantweza ngomkhumbi, baya e-Antiyokhiya, lapho banikelwa khona emseni kaNkulunkulu ngomsebenzi abase bewufezile. 27Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28Base behlala nabafundi isikhathi esijana.