2 KuThimothewu 1
Isibingelelo
1UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu, 2kuThimothewu umntwana othandekayo: makube kuwe umusa, ububele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.
UPawula Unxusa UThimothewu Ukuba Aqine Ekulweleni Ivangeli
3Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini, 4ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo. 5Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe. 6Ngakho-ke ngiyakukhumbuza ukuba usivuselele njalo isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe owasithola ngokubekwa yimi izandla. 7Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.
8Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu. 9Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi; 10kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli. 11Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi, 12okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.
13Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu. 14Kulonde lokhu okuhle okubekwe kuwe ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
15Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene.
16Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami. 17Kwathi nalapho esefike eRoma, wangifunisisa waze wangithola. 18Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.