Indlala Yeminyaka Emithathu
1Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”
2Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda. 3UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?”
4AbaseGibheyoni bathi kuye: “Lokhu akuphathelene nasiliva nagolide noma noSawule nendlu yakhe, futhi akuhlangene nakubulala muntu kwa-Israyeli.”
Wathi kubo: “Noma yini eniyishoyo, ngiyonenzela yona.”
5Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo, owenza icebo ngathi wayefuna siqothulwe phakathi kwemingcele yakwa-Israyeli. 6Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.”
Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”
7Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule. 8Inkosi yathatha amadodana amabili kaRizpha, indodakazi ka-Aya, ayewazalele uSawule: u-Arimoni, noMefibhoshethi namadodana amahlanu kaMikhali, indodakazi kaSawule, ayewazalele u-Adriyeli, indodana kaBharizilayi, umMeholathi. 9Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.
10URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku. 11UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. 12UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa. 13Wenyuka lapho namathambo kaSawule nakaJonathani indodana yakhe, base bewaqoqa namathambo alabo ababephanyekiwe.
14Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.
Ukulwa KwamaFilisti No-Israyeli
15Kwabuye kwaba khona ukulwa phakathi kwamaFilisti no-Israyeli. UDavide nezinceku zakhe behla, balwa namaFilisti. UDavide waphelelwa ngamandla. 16U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide. 17Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”
18Emveni kokuba sekwenzekile lokho, kwaba khona ukulwa namaFilisti eGobhi. Lapho uSibhekhayi, umHushathi, wabulala uSafi, omunye wamadodana amaRefa.
19Kwaphinde kwaqubuka enye futhi impi namaFilisti eGobhi. U-Elihanani, indodana kaJahari Oregimi waseBhethlehema, wabulala uGoliyathi, umGithi, othi lomkhonto wakhe lwalungangogongolo lomaluki.
20Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa. 21Wameyisa u-Israyeli, ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeyi, umfowabo kaDavide, wambulala.
22Bobane labo babezalwa ngamaRefa eGathi, kodwa bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.