USimoni Uthwesa Icala U-Oniyase
1USimoni obekukhulunywe ngaye ngaphambili, owayehambe wakhuluma ngemali emelene nezwe lakhe, wakhuluma kabi ngo-Oniyase, ethi nguye ogqugquzele uHeliyodorusi futhi nguye odale lamashwa. 2Walokotha ukukhomba indoda eyayisiza umuzi ngemali, le ndoda yayingumvikeli wabafowabo, futhi inentshisekelo ngomthetho. 3Inzondo yakhe yaqhubeka kangangoba kwaba khona ababulawa ngabathile bekhonjwe nguye uSimoni. 4U-Oniyase wabona ukuthi ubutha bukhulu nokuthi u-Apoloniyase indodana kaMenesithewusi, futhi engumbusi waseKholesiriya kanye naseFonesiya wayeyibhebhethekisa le nzondo kaSimoni. 5Ngakho-ke wanxusa enkosini, engamangaleli muntu kodwa eqonde ukuba kusimame umphakathi nabantu bonke. 6Ngokuba wabona ukuthi ngaphandle kokuba ayibonise inkosi, ezomphakathi zazingasoze ziphinde zixazululwe ngokuthula, nokuthi uSimoni ngeke abuyeke ubulima bakhe.
UJasoni Ufaka Indlela Yokuphila YamaGriki
7Lapho uSelewukhusi esefile, u-Antiyokhusi owayebizwa ngokuthi ngu-Ephifanesi wathatha isihlalo sobukhosi; uJasoni umfowabo ka-Oniyase waba ngumphristi omkhulu ngobuqili, 8eyethembisile inkosi lapho exoxa nayo amathalente angamakhulu amathathu namashumi ayisithupha esiliva, nakwesinye isikhwama semali wethembisa amathalente ayisishiyagalombili. 9Ngaphezu kwalokhu wethembisa ukukhokha ikhulu namashumi amahlanu ngaphezulu uma enikwa imvume yokuba akhe ngegunya lakhe inkundla yemidlalo yokuzivocavoca nokuba akhethe izinsizwa ezisezintsha ukuba zenze lokho, nokuba abenze abantu baseJerusalema babe yizakhamizi zase-Antiyokhi.
10Lapho inkosi isivumile, naye esephethe, kachithanga sikhathi wabaguqula abantu bakhe ebaguqulela endleleni yamaGriki yokuphila. 11Wabeka eceleni konke ukubonelelwa kwabaJuda, ababekuthole ngoJohani uyise ka-Ewupolemusi, owathunywa wahamba wayokwenza ubungani nesivumelwano nabaseRoma; futhi wachitha zonke izindlela zokuphila ezisemthethweni waqalisa imikhuba emisha ephambene nomthetho. 12Kwamthokozisa ukuba aqale indawo yokuzivocavoca eduze nje nenqaba, futhi waphoqa izinsizwa ezihloniphekile ukuba zigqoke isigqoko samaGriki. 13Kwaba khona nokuguqulwa kwezinto zibe ngesiGriki futhi kwanda kakhulu nokuthatha izindlela zabezizwe ngenxa yobubi bukaJasoni, owayenobubi futhi engeyena umphristi omkhulu ngokweqiniso.
14Lokhu kwadala ukuba abaphristi bangabe besaba nokweneliswa ngumsebenzi wabo e-althare. Bayibukela phansi indawo engcwele bayeka ukwenza imihlatshelo, bakhawuleza ukuba bayoba yingxenye yokwakwenzeka kungekho emthethweni, nasekuzwaneni amandla okwakwenzelwa enkundleni emuva kophawu lokujikijelwa kwediskusi, 15bakuphoxa ukuhlonishwa okwakwaziswa ngokhokho babo, bagcizelela ukuhlonishwa ngendlela yamaGriki. 16Ngenxa yalesi sizathu behlelwa yinhlekelele bengazelele, nalabo abazindlela zabo babezilandela futhi befisa ukubalingisa baphenduka izitha zabo ezinkulu babajezisa. 17Akuyona into encane ukukhombisa ukungawuhloniphi umthetho kaNkulunkulu, lokhu sizokubona ngokusobala kokuzolandela.
IJerusalema Ngaphansi Kwesandla SabaseSiriya
18Ngenkathi imidlalo eyenzeka njalo eTire eminyakeni emihlanu nenkosi ikhona, 19uJasoni ongcolileyo wathumela izithunywa, ezazikhethwe njengezakhamizi zase-Antiyokhi ezazihlala eJerusalema, ukuba zihambise amadrakhma angamakhulu amathathu esiliva ukuze abe ngumhlatshelo kuHekhulesi. Labo ababethwele imali, bakubona kungcono ukuba bangayisebenziseli imihlatshelo, ngokuba kwakungeyona into efanelekile, kodwa ukuba bayisebenzisele okunye. 20Ngale mali owayebathumile wayeqonde ukuba iyoba ngeyomhlatshelo kuHekhulesi, kodwa ngesinqumo sababeyithwele yasetshenziselwa ukwakha imikhumbi yempi. 21Lapho u-Apoloniyase indodana kaMenesithewusi ethunyelwe eGibhithe emkhosini wokubekwa kukaFilomethori inkosi, u-Antiyokhusi wezwa ukuthi uFilomethori wayesephenduke waba nesihluku embusweni wakhe, waqala ukulungisela ukuphepha kwakhe. Ngakho-ke lapho efika eJopha wedlulela eJerusalema. 22Wemukelwa ngelikhulu isasasa nguJasoni kanye nomuzi wonke, wangeniswa kungubu wenyewenye bokukhanya nenhlokomo. Wayesedlula nempi yakhe balibangisa eFonesiya.
UMenelawusi Uba Ngumphristi Omkhulu
23Emva kwesikhathi esiyiminyaka emithathu uJasoni wathumela uMenelawusi, umfowabo kaSimoni okukhulunywe ngaye ngaphambili, ukuba athwale imali ayise enkosini ukuze aqedele ababevumelene ngakho. 24Kodwa yena, lapho ethulwa enkosini, wazibonakalisa njengomuntu onegunya waze wazitholela ubuphristi obukhulu, ekhipha uJasoni ngamathalente angama-300 esiliva. 25Emva kokuthola umyalelo wenkosi wabuya kungekho lutho olwalungamenza abe ngumphristi omkhulu, kodwa wabuya enephakuphaku lokulwa, nolaka ongathi ngolwesilwane sasendle. 26Ngakho-ke uJasoni owathi emuva kokugudluza umfowabo naye wasuswa ngenye indoda, waxoshwa wayobhaca ezweni lakwa-Amoni. 27Nakuba uMenelawusi waqhubeka ukuphatha lesi sikhundla, wayengakhokhi njalo yonke imali ayeyethembisile enkosini. 28USositratusi, owayengumphathi wenqaba, waqhubeka wayifuna le mali, ngokuba kwakungumsebenzi wakhe ukuqoqa intela, ngakho-ke inkosi yababiza bobabili mayelana nalolu daba. 29UMenelawusi washiya umfowabo uLisimakhusi ukuba ambambele isikhundla sobuphristi obukhulu, uSositratusi yena washiya uKhratesi umkhuzi wamabutho aseKhupro.
Ukubulawa Kuka-Oniyase
30Kusenjalo, kwenzeka ukuba abantu baseTasu nabaseMaluwota bavukele umbuso ngenxa yokuba imizi yabo yayinikezwe ku-Antiyokhusi isancinza senkosi, njengesipho. 31Ngakho-ke inkosi yahamba ngokushesha ukuyobhula umlilo, ishiya u-Andronikhusi, indoda eyayinesikhundla esiphakeme, ukuba iyibambele. 32Kepha uMenelawusi, ecabanga ukuthi usethole ithuba elihle, weba ezinye zezitsha zegolide zethempeli wazinikeza u-Andronikhusi; ezinye izitsha, njengoba kwenzeka, wayezidayisele abaseTire kanye nemizi eyakhelene nabo.
33Lapho u-Oniyase esezwe kahle ngakho konke lokhu, wakuveza obala, eseqale yena ngokuphuma waya endaweni engcwele yaseDafune eduze ne-Antiyokhi. 34Ngakho-ke uMenelawusi wadonsela u-Andronikhusi eceleni wamnxusa ukuba abulale u-Oniyase. U-Andronikhusi wafika ku-Oniyase, egcwele ubuqili, wamnikeza izithembiso ezifungelwe futhi wamnika isandla sakhe sokunene; wamncenga nanxa ayesamsola ukuba aphume endaweni engcwele, kwathi ngoba wayengenandaba nobulungisa, wamgudluza ngokushesha endleleni.
U-Andronikhusi Uyajeziswa
35Ngenxa yalesi sizathu akulilanga abajuda nje kuphela, kodwa nabaningi bezinye izizwe balila bengenelisiwe ngokubulawa kwale ndoda. 36Lapho inkosi ibuya eKhilikhiya, abajuda okulowo muzi amangala kuyo mayelana nendlela engagculisi abulewe ngayo u-Oniyase, kanjalo namaGriki akuzwakalisa ukwenyanyiswa yilesi senzo esiyicala. 37Ngakho-ke u-Antiyokhusi waba nokudabuka okukhulu enhliziyweni wagcwala nomunyu, futhi wakhala ngenxa yokuzithiba nesimilo esihle sika-Oniyase. 38Evutha bhe ulaka, wamehlisa u-Andronikhusi esikhundleni, wadabula izingubo zakhe, wamuzungezisa umuzi wonke emusa lapho ayenze khona lesi senzo esibi ku-Oniyase, wafike wambulalela lapho lo mfo owayengumbulali. INkosi yambuyiselela kanjalo ngesijeziso esasimfanele.
Ukubulawa KukaLisimakhusi
39Lapho uLisimakhusi esenzile izenzo eziningi ezingamahlazo edudana noMenelawusi, nalapho imibiko ngabo seyande kakhulu, abantu bahlangana bamelana noLisimakhusi, ngokuba laba base bentshontshe izitsha zegolide eziningi. 40Ngenxa yokuba izihlwele zazibila zigcwele ulaka, uLisimakhusi wahlomisa amadoda ayizinkulungwane ezintathu wahlasela, ibutho lakhe lalihola ngu-Awuranusi, indoda eyase ikhulile kakhulu ngeminyaka kanjalo nangobulima. 41Kepha lapho bezwa ukuthi uLisimakhusi uyawahlasela, amanye athatha amatshe, amanye izinduku, abanye athatha umlotha owawukhona lapho, bawuthela kungathi basangene kuLisimakhusi namabutho akhe. 42Ngaleyo ndlela balimaza abaningi, futhi babulala abanye, abaseleyo babaxosha; leli sela lezinto zasethempelini balibulala eduze nasendaweni yokulonda imali.
UMenelawusi Uya Kothethiswa Icala
43UMenelawusi naye wamangalelwa ngalolu daba. 44Lapho inkosi ifika eThire, amadoda amathathu athunyelwe yizigele afika alubika lolu daba. 45Kepha uMenelawusi owayevele esefana nowehluliwe, wethembisa uPhitholemi indodana kaDorimenesi enkulu inkokhelo yokumthenga ukuze aguqule umqondo wenkosi. 46Ngakho-ke uPhitholemi wayidonsela eceleni inkosi kwangathi baya ehlonzini bayozikhulula, wayicindezela inkosi ukuba iguqule umqondo wayo. 47UMenelawusi owayeqale konke lokhu, wakhululwa kukho konke abemangalelwe ngakho, inkosi yase inqumela intambo la madoda ayenokukhululwa uma ayezikhalele kumaSikhithiyani.
48Bonke labo ababekhulumele imizi nezigodi kanye nezitsha ezingcwele, bathola ukulahlwa ngecala nokujeziswa ngokungafanele. 49Ngakho-ke nanxa abaseThire, bekhombisa ukusenyanya isenzo sokubalahla ngecala, nokho babangcwaba ngenkulu inhlonipho. 50Kepha uMenelawusi, ngenxa yobugovu balabo ababeziphathimandla, waqhubeka ephethe, wakhula ekwenzeni ububi, kunguye owenza amacebo amabi ngabahlobo nabesizwe sakhe.