U-Alkhimusi Ukhuluma Kabi NgoJudase
1Emva kweminyaka emithathu, kwafika umbiko kuJudase wokuthi uDemetriyu indodana kaSelewukhusi ufinyelele ngomkhumbi echwebeni laseTripholisi kanye nempi enamandla nemikhumbi, 2walidla lonke lelo lizwe, ehambisana no-Antiyokhusi kanye noLusiyase umqaphi wakhe. 3U-Alkhimusi othile, owayengumphristi omkhulu ngaphambili kodwa owazingcolisa ngenhloso ngesikhathi sokuzahlukanisa, wabona ukuthi yayingekho indlela yokuba aphephe, noma yokuba aphinde abe nesabelo e-althare, 4ngakho-ke waya enkosini uDemetriyu ngomnyaka we-151, wafike wayipha umqhele wegolide kanye namasundu, nangaphandle kwalezi zipho wabuye wamnika izipho zamagatsha omnqumo ejwayelekile asethempelini. Ngalolo lusuku kashongo lutho. 5Kepha wabuye wathola elinye ithuba elaqhuba icebo lakhe lokusangana lapho emenywa nguDemetriyu emhlanganweni woMkhandlu futhi ecelwa ukuba akhulume ngezinhloso nangokucatshangwa ngabajuda.
Waphendula wathi: 6“Labo bamaJuda ababizwa ngokuthi ngamaHasidi, abaholwa nguJudase Makhabhizi, bayayiqhuba impi futhi bedala nokwehlukana, abawunikile umbuso ukuthula. 7Ngakho-ke udumo lokhokho bami ngilubeke eceleni, ngikhuluma ngobuphristi obukhulu, kepha manje ngize lapha, 8okokuqala, ngokuba ngikhathazekile ngalokho okuyintando yenkosi, okwesibili, ngokuba ngibakhathalela abesizwe sakithi. Ngoba ngenxa yobulima balabo esengikhulume ngabo, isizwe sonke sakithi sinezinkinga eziningi kakhulu. 9Njengoba nkosi uyazi imininingwane eqondene nalolu daba, inkosi mayibe nozwelo isicabangele isizwe sakithi futhi ibonise isihawu esikhombisa kwezinye izizwe. 10Ngokuba uma nje esaphila uJudase, angeke umbuso wakuthola ukuthula.”
UDemetriyu Uthumela UNikhanori Ukuba Ayohlasela AbaJuda
11Lapho esekushilo lokhu, abangani benkosi bonke ababemzonda uJudase, bashesha ukuyenza inkosi uDemetriyu ithukuthele kakhulu. 12Wakhetha ngokushesha uNikhanori, owayengumkhuzi wezindlovu, wammisa ukuba abe ngumbusi waseJudiya, wayesemthuma ukuba ahambe aye khona, 13emyalile ukuba ambulale uJudase futhi awahlakaze amabutho akhe, nokuba amise u-Alkhimusi abe ngumphristi omkhulu wethempeli elikhulu. 14Abezizwe bonke ababebalekile eJudiya, bebalekela uJudase, bashesha bazihlanganisa noNikhanori, becabanga ukuthi noma yini embi eyehlela abajuda iyobalethela ukunotha nenqubekela phambili bona.
UNikhanori Wakha Ubungani NoJudase
15Ngenkathi abajuda ezwa ngokuza kukaNikhanori nangoquqaba lwabezizwe olwase luhambisana naye, azithela ngothuli emakhanda awo akhuleka kuYe owamisa abantu bakhe kuze kube phakade futhi olimelayo ifa lakhe ukuba azibonakalise. 16Ngokuyalwa ngumholi wabo bashesha baphuma lapho babhekana nabo empini esigodini saseDesawu. 17USimoni umfowabo kaJudase, wayekade ebhekanile noNikhanori, kodwa wehlulwa okwesikhashana ngenxa yokuthi isitha samzuma. 18Nakuba kunjalo, lapho uNikhanori ezwa ngobuqhawe bukaJudasi kanye namabutho akhe, nesibindi sabo empini belwela izwe lakubo, wakubalekela ukuba asebenzise impi nokuchitheka kwegazi.
19Ngakho-ke wathumela uPosidoniyase, noTheyodothusi kanye noMathathiyase ukuba baye konikeza izethembiso zobungani futhi nabo babuye nezinye ezivela kubaJuda. 20Kwathi sekuboniswene ngemibandela yonke ngokupheleleyo, kanjalo nabaholi bazisa abantu, futhi sekubonakala sengathi bamqondo munye, bavumelana ukwenza isivumelwano. 21Abaholi bamisa usuku lapho beyohlangana khona bona bebodwa. Kwaphuma inqola yamahhashi kuleyo naleyo mpi; kwase kubekwa izihlalo ezihloniphekile endaweni yazo.
22UJudase wamisa amabutho ahlomile ezindaweni ezithile ezibalulekile futhi elungele nokubhekana nayinoma yibuphi ubuqili obungahle buvele esitheni; ngakho-ke baba nakho ukubonisana. 23UNikhanori wahlala eJerusalema futhi akenza lutho olwalungenza bamxwaye, kodwa wakhulula abantu abaningi ababebuthene lapho. 24Wakuqikekela ukuthi uJudase kasuki phambi kwakhe; waze wathumbeka ngenxa yokunotha kukaJudase. 25Wamgqugquzela ukuba aganwe futhi abe nabantwana; nembala-ke uJudase waganwa wakha, waphila njengabanye.
UNikhanori Uphendukela AbaJuda
26Lapho u-Alkhimusi ebona ukuthula nokuphathana kahle kwabo, wathatha isivumelwano esasenziwe waya naso kuDemetriyu. Wamtshela ukuthi uNikhanori wayengethembekile embusweni, ngoba wayekhombile imbuka ukuba lithathe isihlalo emuva kwakhe. 27Inkosi ayithukuthelisa la manga avela kuleli xoki, yambhalela uNikhanori, isho ukuthi ayenelisiwe yisivumelwano futhi imyala ukuba athumele kuyo ngokushesha e-Antiyokhi uMakhabhizi eboshiwe. 28Lapho ufika lo mbiko kuNikhanori, wakhathazeka kakhulu kangangoba waphoqeka ukusesula isivumelwano kube kungekho okuyiphutha ayekwenzile. 29Ngenxa yokuba wayengenakuyiphikisa inkosi, wafuna futhi wenza icebo lokuthi wayengakufeza kanjani okufiswa yinkosi.
30UMakhabhizi waqala ukubona ukuthi uNikhanori wayesenokuzibamba okuningi endleleni abaphathana ngayo, nokuthi wayesenesihluku lapho ekhuluma naye kunokwase kujwayelekile, futhi kumkhanyela ukuthi lokhu kuzibamba kuqubuka ezinhlosweni ezithile, wabutha amadoda amaningi emabuthweni akhe, wabaleka wayobhaca esuka phambi kukaNikhanori. 31UNikhanori esebona ukuthi uMakhabhizi umehlule ngokuhlakanipha, waya ethempelini elingcwele lapho abaphristi besanikela imihlatshelo njengokujwayelekile, wabayala ukuba bambuyisele kuye uMakhabhizi.
32Lapho sebenze isifungo sokuthi kabazi ukuthi iphi le ndoda ayifunayo, 33welula isandla sakhe wasibhekisa ngase-althare, wenza lesi sifungo: “Uma ningamlethi kimi uJudase eboshiwe, ngiyakuyibhidliza le ndawo kaNkulunkulu kanye ne-althare, ngakhe lapha ithempeli elihle likaDiyonisusi.”
34Esekushilo lokhu, waphuma wahamba. Abaphristi base belula izandla zabo bezibhekisa ezulwini bambiza uMvikeli othembekile wesizwe sakubo, bethi: 35“Nkosi yakho konke, nakuba kungekho okuntulayo, kodwa kwakuthokozisa ukuba kube khona leli thempeli elihlala ubukhona bakho phakathi kwethu. 36Ngakho-ke wena oNgcwele, Nkosi yobungcwele bonke, ivikele ingunaphakade lendlu ingangcolisiwe, ehlala ihlanjululwa njalo njalo.”
URazisi Ufela Izwe Lakhe
37Othile owaziwa ngelikaRazisi, ongomunye wamadoda amadala aseJerusalema, wagxekwa kuNikhanori njengomunye othanda isizwe sakubo futhi ethathelwa phezulu ngenxa yokulunga kwakhe, ebizwa nangoyise wamaJuda. 38Ngezikhathi ezidlule, lapho kungakabikho ukuhlangana nabezizwe, wayekade emangalelwe ngokuthi ugcwele ubuJuda, nokuthi wayezibeke ebucayini obukhulu ngenxa yobuJuda. 39UNikhanori efisa ukukhombisa ubutha anabo kubaJuda, wathumela amabutho angaphezu kwama-500 ukuba ayombamba; 40ngokuba wacabanga ukuthi ngokubamba le ndoda uyosilimaza sonke isizwe.
41Ngesikhathi amabutho esezokuwuthatha umbhoshongo, eselwa nokuvula isango elingena egcekeni, ayala ukuba kulethwe umlilo nokuba kushiswe amasango. Ebona ukuthi sebemzungezile, uRazisi wawela enkembeni yakhe, 42ekhetha ukufa ngokuhlonipheka kunokuba awele ezandleni zezoni ahlukunyezwe kabi kunokufanele ukuhlonipheka kwakhe. 43Ngesikhathi kubhuduzelwa, kawelanga ngqo enkembeni, kodwa wagijima wakhwela ogangeni lomuzi waziphonsa phansi esixukwini ngesibindi. 44Ngenkathi bona behlehla ngokushesha, kwavuleka isikhala awela kuso. 45Esaphila futhi egcwele intukuthelo, wasukuma, nanxa igazi laliphophoza emanxebeni akhe ayemabi, wagijima wadabula kuso isixuku; kwathi esefike wama etsheni elilugedla, 46esophe nakakhulu, wazidabula isisu, wathatha izibilini zakhe ngezandla zombili, waziphonsa esixukwini, eyibiza iNkosi yokuphila nomoya ukuba izibuyisele kuye futhi. Wafa kanjena-ke uRazisi.