Ukubulawa KwabaJuda AseJopha
1Lapho sesenziwe lesi sivumelwano, uLusiyase wabuyela emuva enkosini, abajuda aqhubeka nempilo yawo elima amasimu. 2Kepha abanye babaphathi ezindaweni ezahlukene, uThimothewu no-Apoloniyase indodana kaGenayosi, noHironimusi kanye noDemofoni, omunye futhi nguNikhanori umbusi wase Khuphro, kabazange babayekele ukuze baphile ngokuthula. 3Abantu baseJopha benza izenzo ezimbi ezifana nalezi: bamema abajuda ayehlala phakathi kwabo kanye nomkawo nabantababo, ukuba agibele ezikebheni ababezakhile, enza sengathi abukho ubutha abanabo namaJuda; 4lokhu kwenziwa ngokuvumelana komuzi ngevoti. Lapho bekwemukela lokhu ngenxa yokuba babefuna ukuphila ngokuthula futhi bengasoli lutho, abantu baseJopha bawathatha olwandle bawaphonsa ngaphandle kwezikebhe bawaminzisa, kwafa angama-200.
5Lapho uJudase ezwa ngokuhlukunyezwa kwabafowabo, wayala amabutho akhe, 6futhi wabiza uNkulunkulu, umahluleli olungileyo, wabahlasela ababulali babafowabo. Wathungela ngomlilo ebusuku itheku labo, washisa izikebhe, wabulala labo ababebhace lapho. 7Ngenxa yokuba amasango ayevaliwe, wahoxa, ehlose ukubuya futhi awubhubhise wonke umphakathi waseJopha. 8Kepha lapho ezwa kuthiwa nabantu baseJamniya babehlose ukwenze njalo kubaJuda ayehlala phakathi kwabo, 9wahlasela abaseJamniya ebusuku futhi wathungela ngomlilo itheku labo kanye nemikhumbi yabo, kwaze kwathi ukukhanya kwekloba lomlilo kwabonakala eJerusalema, elalingamastadiyu angama-40.
Ukunqoba KukaJudase Esifundeni SakwaGileyadi
10Sebehambe ibanga elingamastadiyu angama-500 besuka lapho, beyobhekana noThimothewu, ama-Arabhu alinganiselwa ezinkulungwaneni eziyisihlanu ehambisana nabagibele amahhashi abangama-500 abahlasela. 11Emva kokulwa okunzima uJudase nempi yakhe besizwa nguNkulunkulu banqoba. Omahamba behlala emuva kokwehlulwa kwabo bamncenga uJudase ukuba abe nobungani nabo, bethembisa ukumnika imfuyo nokusiza abantu bakhe nangezinye izindlela. 12UJudase ebona ukuthi kungenzeka babe lusizo ngezindlela eziningi, wavuma ukwenza uxolo nabo; emuva kokuthola isifungo sakhe babuyela emathendeni abo. 13Wabuye wahlasela umuzi mumbe owawuvikelwe ngamadundu enhlabathi nangezingange, futhi kuhlala kuwo lonke uhlobo lwabantu bezizwe. Igama lawo kwakuyiKhaspini.
14Labo ababengaphakathi, bethembe ukuqina kwezingane nobuningi bokudla nezikhali, baziphatha ngokwedelela okukhulu phambi kukaJudase namabutho akhe, bebagcona, bebathuka futhi besho nezinto ezingcolileyo kubo. 15Kodwa uJudase namabutho akhe babiza uMninimandla wonke womhlaba wonke, okwathi nanxa bengenazo izinqama zokudiliza izindonga kanye nezinjini zempi, bakhumbula ukuthi ngezinsuku zawo Joshuwa bawehlula umuzi waseJerikho, ngakho-ke banikela ngokushesha ezingangeni. 16Bawudla umuzi ngokwentando kaNkulunkulu, babulala abanani elingenakubalwa, kwathi ichibi elaliseduze, elalingamastadiyu amabili ububanzi, kwangathi liyakapaka ngokuchichima igazi.
UJudase Wehlula Impi KaThimothewu
17Lapho sebehambe ibanga elingamastadiyu angama-750 besuka lapho, bafika eKharaka, kubaJuda ayebizwa ngokuthi ngamaThubiyanusi. 18Kabamtholanga uThimothewu kuleso sifunda, ngokuba ngaleso sikhathi wabe esehambile lapho engazange aphumelele ezinhlosweni zakhe, nanxa kwenye indawo ayeshiye ibutho elinamandla amakhulu. 19UDositheyusi kanye noSosipateri, ababengabakhuzi bempi ngaphansi kukaMakhabhizi baphuma bahlasela babhubhisa bonke labo uThimothewu ayebashiye ezinqabeni, amadoda ayengaphezu kwezi-10 000. 20Kepha uMakhabhizi wayihlela impi yakhe yaba yizigaba, wabeka amadoda ukuba aziphathe, wayesephuthuma elandela uThimothewu, owayehamba ne-120 000 amabutho ahamba ngezinyawo, kanye nezi-2 500 agibele emahhashini.
21Lapho uThimothewu ezwa ngokuthi uJudase uyamlandela, wathumela abesifazane nabantwana kanye nempahla endaweni ebizwa ngokuthi iKharnayimi, ngokuba leyo ndawo kwakulukhuni ukuyihlasela uyahlule ngokuba kwakungangeneki kalula ngenxa yobuncane bendlela elibangise khona. 22Kepha kwathi lapho ibutho lokuqala likaJudase liqhamuka, isitha sagcwala ingebhe netwetwe ngokumbona evela Yena obona konke. Babaleka bahlakazeka nezinkalo zonke, ngangoba iningi lalimazana lona lodwa futhi ligwazwa yimikhonto yalo uqobo. 23UJudase waqhubeka ebahubha ngomfutho omkhulu kakhulu, ebulala ngenkemba eziningi izoni, futhi wabulala ababengamashumi amathathu ezinkulungwane. 24Kwayena uThimothewu uqobo wawela ezandleni zoDositheyusi noSosipateri kanye namabutho abo. Wabancenga kakhulu ukuba bamvumele aye kobhaca aphephe, ngokuba wayegcine abazali beningi labo, kanye nabafowabo babanye babo, abangeke benzelwe musa. 25Esekhulume amazwi amaningi wenza isifungo sokubabuyisa bengalinyaziwe, bamkhulula wahamba, ukuze nje basindise abesizwe sakubo.
UJudase Unqoba Ezinye Izimpi
26UJudase yena wayesephikelela eKhanayimi ukuyolihlasela lona kanye nethempeli lika-Atargatisi, wabulala lapho abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu. 27Lapho esebabhubhise wabachitha laba, wahlasela e-Efroni, umuzi ovikeleke kakhulu lapho uLusiyase ayehlala khona nezindimbane zabantu bezizwe zonke. Izinsizwa ezazinesibindi zama zabhekana nalo, zazivikela ngesikhulu isibindi; futhi kulo muzi kwakukhona izinjini eziningi zempi kanye nontuluntulu ababegcinwe kuwo. 28Kepha abaJuda abiza uMninimandla wonke ukuze ngosizo lwakhe achithe amandla ezitha zabo. Awunqoba awudla umuzi, abulala nakhona ababeyizinkulungwane ezinga-25 zalabo ababehlala kuwo. 29Besuka lapho, baphikelela emzini waseSkuthoni, elingamastadiyu angama-600 kusuka eJerusalema. 30Kepha abaJuda ayehlala lapho afakaza ngomoya omuhle abantu bomuzi waseSkuthoni abawukhombisa kubo nangendlela ababaphatha kahle ngayo ngezikhathi zobunzima babo. 31Bababonga base bebagqugquzela ukuba bahlale njalo nasesikhathini esizayo benalo moya esizweni sakubo. Base bekhuphukela eJerusalema, njengoba umkhosi wamaviki wawususondele.
UJudase Wehlula UGogiyase
32Emva komkhosi kaPhentekhosti, baphuthuma ukuyobhekana noGogiyase umbusi wase-Idumeya, 33owaphuma namabutho ayizi-3 000 ahamba ngezinyawo kanye nama-400 agibele amahhashi. 34Lapho itholana phezulu impi, kwawa abambalwa kweyamaJuda. 35Kepha uDosiyase othizeni, owayengomunye wamabutho kaBhakhenori, owayegibele ihhashi futhi eyindoda enamandla amakhulu, wambamba uGogiyase, embamba ngengubo yakhe wamdonsa ngamandla amakhulu, efisa ukuyithatha iphila le ndoda eyayiqalekisiwe. Kwaqhamuka omunye wabagibele amahhashi waseThirashiya wagenca ingalo kaDosiyase; waphunyuka kanjalo-ke uGogiyase, wabaleka waze wayofika eMarisa. 36Njengoba u-Esdrini namabutho akhe babekade belwa isikhathi eside futhi base bekhathele, uJudase wayibiza iNkosi ukuba izibonakalise ingumana wabo nomholi wabo empini.
37Washaya iziqubulo, wahuba amahubo empi ngolimi lokhokho bakhe; wayesenikela khona wayolwa namabutho kaGogiyase, bawabhadama engalindele, wawahlakaza wawaxosha. 38UJudase wayesehlanganisa impi yakhe waya emzini wase-Adulamu. Njengoba kwakusondela usuku lwesikhombisa, bazihlambulula njengokwesiko, balugcina usuku lwesabatha belapho. 39Ngosuku olulandelayo, njengoba kwase kufanelekile, uJudase namabutho akhe bahamba bayobutha izidumbu zalabo ababesale empini nokuba bazibuyise ziyolala kanye nezabafowabo emangcwabeni okhokho babo.
40Kwathi ngaphansi kwesiphuku salowo nalowo owayengcwatshwa, bathola izimpawu ezingcwele zezithixo zaseJamniya, ezazingavunyelwe ngumthetho ukuba zigqokwe ngabajuda. Kwabakhanyela bonke ukuthi yisona sizathu la madoda ewile empini. 41Ngakho-ke bonke bazidumisa izindlela zikaSimakade, uMahluleli olungileyo, owembula ngisho izinto ezifihlakele; 42base beguqukela ekunxuseni, bekhuleka ukuba isono esenziwe yilaba sesulwe siphele. UJudase wayeseyala abantu ukuba bazigcine bengenasono, ngokuba babonile ngamehlo abo okwenzekileyo ngenxa yesono salabo abawa empini.
43Waqoqa futhi nomnikelo, umuntu ngomuntu, kwaze kwahlangana izi-2 000 zesiliva zamadrakhima, wazithumela eJerusalema ukuze kutholakale ngazo umnikelo wesono. Ngokwenza lokhu wenza kahle, nangokuhloniphekayo, ekhumbula ukuthi kukhona ukuvuka kwabafileyo. 44Ngokuba uma ngabe ayengakulindele ukuthi labo ababewile empini bayophinda bavuke, kwakuyofana nokuchitha isikhathi nobulima ukukhulekela abafileyo. 45Kepha uma ayebuka kulowo mvuzo omuhle abawubekelwe bonke labo abalale belungile, okwakungukucabanga okungcwele nokuhle kakhulu. Ngakho-ke wabanxusela ebashwelezela abangasekho, ukuze bakhululwe ezonweni zabo.