UJudase Makhabhizi Wehlula ULusiyase
1Masinyane emuva kwalokhu, uLusiyase, umlondi wenkosi kanye nomhlobo wayo, owayephethe uhulumeni, ethukutheliswe ngokwakwenzekile, 2wabutha amabutho ahamba ngezinyawo ayizi-8 000 kanye nabo bonke abagibele amahhashi weza ukuzohlasela abaJuda. Wayehlose ukuwenza umuzi ube likhaya lamaGriki, 3nokuba enze kube khona intela yethempeli njengoba enza ezindaweni ezingcwele zezinye izizwe, nokuba ubuphristi obukhulu kube yinto ezothengwa ngemali minyaka yonke. 4Kazange awagqize qakala amandla kaNkulunkulu, kodwa wayegcwele okukhulu ukuphakama ngenxa yezi-10 000 zamabutho ahamba ngezinyawo, nenkulungwane yabagibele amahhashi, kanye nezindlovu ezingama-80. 5Ehlasela eJudiya wasondela eBhethi-zuri, elalingumuzi ovikelekile amastadiyu ayisihlanu kusuka eJerusalema, walicindezela kakhulu. 6Lapho uMakhabhizi namabutho akhe bezwa ukuthi uLusiyase uhlasele izinqaba, bona kanye nabo bonke abantu, balila bekhala izinyembezi, bakhuleka eNkosini ukuba ithumele ingelosi yayo ukuba imhlenge u-Israyeli.
7UMakhabhizi uqobo waba ngowokuqala ukuthatha izikhali, wabagqugquzela abanye ukuba banikele ukuphila kwabo ukuze bayosiza abahlobo babo. Ngakho-ke baphuthuma ndawonye baya khona. 8Belapho, beseseduzane neJerusalema, kwavela indoda egibele ihhashi phambi kwabo, igqoke ezimhlophe futhi iyaluzisa izikhali zayo zegolide. 9Bamdumisa uNkulunkulu onesihawu bendawonye, futhi baqiniswa ezinhliziyweni, bakulungela ukubhekana hhayi nje nabantu kuphela, ngisho nezilwane zasendle, nezingange zensimbi imbala. 10Baqhubeka empini, belekelelwa ubukhona bezulu, ngokuba iNkosi yaba nomusa kubo. 11Baziphonsisa okwezingonyama ezitheni zabo, bacekela phansi izinkulungwane eziyishumi nanye zamabutho kanye nabagibele amahhashi abayi-1 600, babaphoqa ukuba babaleke. 12Iningi labo labaleka lingasembethe lutho futhi lilimele, kanti uLusiyase uqobo waphunyuka wabaleka ethelwe ngehlazo.
ULusiyase Wenza Ukuthula NamaJuda
13Njengoba kwaku ngumuntu ohlakaniphile, wacabanga ngokwehlulwa okwakumehlele, kwamkhanyela ukuthi amaHebheru ayengathinteki ngokuba uNkulunkulu uSomandla wayelwa ngakuwo. Ngakho-ke wathumela kubo, 14wabancenga ukuba balungise udaba phakathi kwabo benze nesivumelwano esinobulungisa, ethembisa ukuthi uyakuyincenga inkosi, ayiphoqe ukuba ibe ngumngani wabo. 15UMakhabhizi ekuthanda ukuba kube nokuthula kwabo bonke, wakuvuma konke uLusiyase ayekusho. Inkosi yavuma zonke izicelo egameni lamaJuda uMakhabhizi ayezibhalile wazithumela ngoLusiyase.
Incwadi KaLusiyase Ayibhalela AbaJuda
16Incwadi uLusiyase ayeyibhalele abajuda yayithi: “ULusiyase kubantu bakwaJuda, ngiyanibingelela. 17UJohani no-Absalomu abathunyelwa kimi, banginikile incwadi yenu esayiniwe futhi babuzisisa nangalokho okubhalwe kuyo. 18Sengiyazisile inkosi ngakho konke ebekudinga ngiyazise khona, futhi ikuvumile lokho engakwazi ukukwenza. 19Uma niyobugcina ubudlelwano phakathi kwenu nohulumeni, ngiyozama esikhathini esizayo ukulwela inhlalakahle yenu. 20Maqondana nalezo zinto kanye nemininingwane ngazo, ngiyale la madoda nezithunywa zami ukuba axoxe nani. 21Nisale kahle. Ngonyaka we-148, ngolwamashumi amabili nane lukaDiyosi waseKhorinte.”
Incwadi Yenkosi Eyayibhalela ULusiyase
22Incwadi yenkosi yayithi: “Inkosi u-Antiyokhusi kumfowabo uLusiyase, ngiyakubingelela. 23Njengoba ubaba esaya konkulunkulu, siyafisa ukuba abantu bombuso wethu bahlale ngokuthula lapho benakekela izidingo zabo. 24Sizwile ukuthi abajuda kawavumi ukuguqukela emasikweni ethu esiGriki njengoba babeshilo obaba, kodwa baqoka eyabo indlela futhi bacela ukuba namasiko abo bavunyelwe ukuwagcina. 25Ngokunjalo, njengoba sifisa ukuba nalesi sizwe sikhululeke singaphazanyiswa, sinquma ukuthi ithempeli labo libuyiselwe kubo futhi baphile ngokwamasiko awoyisemkhulu. 26Ngakho-ke uyobe wenze kahle, ukuba uthumele izwi kubo futhi ubanike isethembiso sobungani, ukuze bayazi inqubo yethu futhi bakhululeke, baqhubeke nempilo yabo ngokuthokoza.”
27Esizweni incwadi yenkosi yayithi: “Inkosi u-Antiyokhusi esigeleni sabaJuda nakuwo wonke amanye abaJuda, ngiyaningelela. 28Uma niphila, kuyinto esiyilangazelelayo leyo. Nathi siyaphila. 29UMenelawusi usitshelile ukuthi nifisa ukubuyela ekhaya niyobhekana nezindaba zenu. 30Ngakho-ke labo abayobuyela ekhaya ngolwamashumi amathathu kuKhantikhusi siyobanikeza isiqiniseko sobungani bethu kanye nemvume yethu ephelele 31ukuze abajuda athokoze ngokudla kwawo nangemithetho yawo, njengoba kwakunjalo ngaphambili, futhi akukho noyedwa wabo oyohlukunyezwa okungahle kwenzeke ngenxa yokungazi. 32Futhi ngimthumele uMenelawusi ukuba azonigqugquzela. 33Nisale kahle. Ngonyaka we-148, ngolweshumi nanhlanu kuKhantikhusi.”
Incwadi YamaRoma Ayibhalele AbaJuda
34AbaseRoma babuye bathumela incwadi kubo eyayinala mazwi: “UKhwintusi Memiyusi kanye noTitusi Maniyusi izithunywa zamaRoma, kubantu bakwaJuda, siyanibingelela. 35Maqondana nalokho uLusiyase umhlobo wenkosi anivumele kukho, nathi siyanivumela. 36Kepha mayelana nalezo ndaba anqume ukuzedlulisela enkosini, uma senicabangisisile ngazo, thumelani omunye ngokushesha ukuze sixoxe senze iziphakamiso ezifanele kini. Ngokuba njengamanje sisendleleni siqonde e-Antiyokhi. 37Ngakho-ke sheshisani nithumele izithunywa ukuze sazi ukuthi ninqumeni. 38Nisale kahle. Ngonyaka wekhulu namashumi amane nesishiyagalombili, ngolweshumi nanhlanu kuKhantikhusi.”